UMenahemu wabiza imali yakwa-Israyeli kuwo onke amaqhawe anamandla, kwaba yilowo nalowo amashekeli angamashumi ayisihlanu esiliva ukuwanika inkosi yase-Asiriya. Khona-ke inkosi yase-Asiriya yabuya futhi ayizange ihlale lapho ezweni.
URuthe 2:1 - Contemporary Zulu Bible 2024 UNawomi wayenesihlobo somyeni wakhe, indoda enamandla aphilileyo, esomndeni ka-Elimeleki; igama lakhe lalinguBhowazi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UNawomi wayenesihlobo somyeni wakhe, umuntu ocebileyo, owomndeni ka-Elimeleki, igama lakhe linguBowazi. IsiZulu 2020 UNawomi wayenesihlobo somyeni wakhe, u-Elimelekhi, esasicebe kakhulu, igama laso kunguBhowazi. |
UMenahemu wabiza imali yakwa-Israyeli kuwo onke amaqhawe anamandla, kwaba yilowo nalowo amashekeli angamashumi ayisihlanu esiliva ukuwanika inkosi yase-Asiriya. Khona-ke inkosi yase-Asiriya yabuya futhi ayizange ihlale lapho ezweni.
Impahla yakhe yayiyizinkomo eziyizinkulungwane eziyisikhombisa, namakamela ayizinkulungwane ezintathu, namabhangqa ezinkomo angamakhulu ayisihlanu, nezimbongolo ezingamakhulu amahlanu, nezinceku eziningi kakhulu; kangangokuthi lo muntu wayemkhulu kunabo bonke abantu basempumalanga.
Uma ngijabula, ngokuba ingcebo yami inkulu, nangenxa yokuba isandla sami sikhulu;
uSalimoni wazala uBhowazi ngoRahabi; uBhowazi wazala u-Obede kuRuthe; u-Obede wazala uJese;
owayeyindodana kaJese, indodana ka-Obede, indodana kaBhowazi, indodana kaSalimoni, indodana kaNashoni,
Igama lalowo muntu lalingu-Elimeleki, igama lomkakhe lalinguNawomi, namagama amadodana akhe amabili ayengoMagiloni noKiliyoni, ama-Efrata aseBetlehema Juda. Bafika ezweni lakwaMowabi, bahlala khona.
URuthe umMowabi wasesithi kuNawomi: Ake ngiye elizweni, ngikhothoze emva kwalowo engizathola umusa emehlweni akhe. Wathi kuye: “Hamba, ndodakazi yami;
Manje kuyiqiniso ukuthi ngiyisihlobo sakho segazi esiseduze nawe; kodwa kukhona isihlobo esiseduze kunami.
Manje uBhowazi akayena owesizukulwane sethu, okabani izintombi zakho? Bheka, uzuza ibhali kulobubusuku esibuyeni.