Ngalezo zinsuku ngabona futhi amaJuda ayethathe abesifazane base-Ashidodi, abakwa-Amoni nabakwaMowabi.
URuthe 1:4 - Contemporary Zulu Bible 2024 Base bazithathela abafazi kwabesifazane bakwaMowabi; igama lomunye lalingu-Orpa, igama lomunye lalinguRuthe; bahlala khona cishe iminyaka eyishumi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Azithathela abafazi kwabesifazane bakwaMowabi; igama lomunye lalingu-Orpa, igama lomunye lalinguRuthe; bahlala khona kwangathi iminyaka eyishumi. IsiZulu 2020 Lawo madodana azithathela abafazi kwabesifazane bakwaMowabi, owokuqala kwakungu-Orpha owesibili kunguRuthi; bahlala nabo iminyaka ebalelwa eshumini. |
Ngalezo zinsuku ngabona futhi amaJuda ayethathe abesifazane base-Ashidodi, abakwa-Amoni nabakwaMowabi.
uSalimoni wazala uBhowazi ngoRahabi; uBhowazi wazala u-Obede kuRuthe; u-Obede wazala uJese;
Akukho mAmoni noma umMowabi oyakungena ebandleni likaJehova; bangangeni ebandleni likaJehova kuze kube isizukulwane seshumi kuze kube phakade.
Aniyikugana nabo; awuyikunika indodana yakhe indodakazi yakho, nendodakazi yakhe awuyikuthathela indodana yakho.
OMahaloni noKiliyoni bafa bobabili; owesifazane wasala namadodana akhe amabili nomyeni wakhe.