Wafa u-Elimeleki, umyeni kaNawomi; wasala namadodana akhe amabili.
U-Elimeleki umyeni kaNawomi wafa; kepha yena wasala namadodana akhe amabili.
U-Elimelekhi, umyeni kaNawomi, wafela lapho; uNawomi wasala namadodana akhe amabili.
Kwasekusithi owesifazana othile phakathi kwabafazi bamadodana abaprofethi wamemeza kuEliza, wathi: Inceku yakho, indoda yami, ifile; uyazi wena ukuthi inceku yakho yayimesaba uJehova, njalo umtshelekisi weza ukuthathela amadodana ami amabili abe yizigqili zakhe.
Izinhlupheko zolungileyo ziningi, kepha uJehova uyamkhulula kuzo zonke.
Ngokuba iNkosi iyamlaya emthandayo, ishaye yonke indodana eyamukelayo.
Igama lalowo muntu lalingu-Elimeleki, igama lomkakhe lalinguNawomi, namagama amadodana akhe amabili ayengoMagiloni noKiliyoni, ama-Efrata aseBetlehema Juda. Bafika ezweni lakwaMowabi, bahlala khona.
Base bazithathela abafazi kwabesifazane bakwaMowabi; igama lomunye lalingu-Orpa, igama lomunye lalinguRuthe; bahlala khona cishe iminyaka eyishumi.