URuthe 1:10 - Contemporary Zulu Bible 2024 Bathi kuye: “Impela siyakubuyela nawe kubantu bakini.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bathi kuye: “Hhayi! Kepha sobuyela nawe kubantu bakini!” IsiZulu 2020 Bathi kuye: “Qha, sizohamba nawe sibuyele nawe kubantu bakini!” |
Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Ngalezo zinsuku kuyakuthi amadoda ayishumi avela kuzo zonke izilimi zezizwe abambe, yebo, abambe isivikelo somJuda, athi: ‘Siyakuhamba nani, ngokuba sizwile ukuthi uNkulunkulu unawe.
Wathi uNawomi: “Buyelani, madodakazi ami, niyakuhamba nami ngani na?” Asekhona amadodana esizalweni sami ukuba abe ngabayeni benu na?
Wayesephuma endaweni lapho ayekhona, omalokazana bakhe ababili kanye naye; basuka babuyela ezweni lakwaJuda.
UJehova uyaninika ukuba nithole ukuphumula, kube yilowo nalowo endlini yendoda yakhe. Wabe esebanga; badazuluka bakhala.