UNumeri 9:5 - Contemporary Zulu Bible 2024 Bagcina iPhasika ngosuku lweshumi nane lwenyanga kusihlwa ehlane laseSinayi; njengalokho uJehova emyalile uMose, benze njalo abantwana bakwa-Israyeli. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Balenza-ke iphasika ngenyanga yokuqala ngosuku lweshumi nane ngakusihlwa ehlane laseSinayi; njengakho konke uJehova amyala ngakho uMose, benze njalo-ke abantwana bakwa-Israyeli. IsiZulu 2020 Bayolenza iphasika ehlane iSinayi ngenyanga yokuqala, ngosuku lwe-14, kusihlwa, njengakho konke uSimakade ayemyale ngakho uMose, abantu bakwa-Israyeli benza kanjalo-ke. |
Benza kanjalo bonke abantwana bakwa-Israyeli; njengalokho uJehova ebayalile oMose no-Aroni, benze njalo-ke.
Waqedwa-ke wonke umsebenzi wetende lokuhlangana; abantwana bakwa-Israyeli benza njengalokho uJehova emyalile uMose, benze njalo-ke.
Njengakho konke uJehova amyale ngakho uMose, abantwana bakwa-Israyeli bawenza wonke umsebenzi.
Abantwana bakwa-Israyeli benza-ke njengalokho uJehova emyalile uMose, benze njalo-ke.
OMose no-Aroni nayo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli benza kumaLevi, njengalokho uJehova emyalile uMose ngamaLevi, benze njalo abantwana bakwa-Israyeli kuwo.
nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho; bhekani, mina nginani izinsuku zonke, kuze kube sekupheleni kwezwe. Amen.
Kwathi ngomnyaka wamashumi amane, ngenyanga yeshumi nanye, ngolokuqala lwenyanga, uMose wakhuluma kubantwana bakwa-Israyeli njengakho konke uJehova ayebayale ngakho;
Bhekani, nginifundisile izimiso nezahlulelo, njengalokho uJehova uNkulunkulu wami engiyalile, ukuba nenze kanjalo ezweni eningena kulo ukulidla.
Ngokukholwa u-Abrahama walalela ebizwa ukuba aphume, aye endaweni abezakuyamukeliswa ibe yifa; waphuma engazi lapho eya khona.
UMose nempela wayethembekile endlini yakhe yonke njengenceku, kube ngubufakazi balokho okwakuzakhulunywa;
Abantwana bakwa-Israyeli bamisa eGiligali, bagcina iphasika ngosuku lweshumi nane lwenyanga kusihlwa emathafeni aseJeriko.