Nansi indaba oyakuyenza kubo ukubangcwelisa, bangikhonze esikhundleni sobupristi: Thatha ijongosi elilodwa leduna nezinqama ezimbili ezingenasici,
UNumeri 8:8 - Contemporary Zulu Bible 2024 Khona-ke mabathathe iduna nomnikelo walo wokudla, ufulawa ocolekileyo oswakanyiswe namafutha, futhi kumelwe uthathe elinye iduna libe ngumnikelo wesono. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bathabathe iduna nomnikelo walo wempuphu, impuphu ecolekileyo exovwe namafutha; nelinye iduna uyakulithabatha libe ngumnikelo wesono. IsiZulu 2020 Bayothatha iduna nomnikelo wokusanhlamvu, impuphu ecolisekileyo exovwe namafutha. Uyothatha iduna lesibili libe ngumnikelo wesono. |
Nansi indaba oyakuyenza kubo ukubangcwelisa, bangikhonze esikhundleni sobupristi: Thatha ijongosi elilodwa leduna nezinqama ezimbili ezingenasici,
Kumelwe ukubeke kubhasikidi owodwa, ukulethe kanye nenkunzi nezinqama ezimbili kubhasikidi.
Kepha kwaba kuhle kuJehova ukumchoboza; waba lusizi; uma unikela umphefumulo wayo ube ngumnikelo wesono, iyakubona inzalo yayo, yandise izinsuku zayo, nokuthakazelelwa nguJehova kuyakuphumelela esandleni sayo.
Uma umhlatshelo wakhe ungumnikelo wokushiswa wezinkomo, uyakuletha iduna elingenasici; woliletha ngokuzithandela phambi kukaJehova ngasemnyango wetende lokuhlangana.
Ngakho u-Aroni kumelwe angene endlini engcwele: neduna libe ngumnikelo wesono nenqama ibe ngumnikelo wokushiswa.
“ ‘Uma umuntu eletha umnikelo wempuphu kuJehova, umnikelo wakhe uyakuba yimpuphu ecolekileyo; kumelwe athele amafutha phezu kwawo futhi abeke impepho phezu kwawo.
Lapho isono eyone ngaso saziwa, inhlangano kumelwe inikele iduna libe ngesono, ililethe phambi kwetende lokuhlangana.
Uma umpristi ogcotshiweyo ona njengesono sabantu; woletha kuJehova iduna elingenasici, libe ngumnikelo wesono ngesono sakhe one ngaso.
Thatha u-Aroni namadodana akhe kanye naye, nezingubo, namafutha okugcoba, nenkunzi yomnikelo wesono, nezinqama ezimbili, neqoma lesinkwa esingenamvubelo;
Ngoba lokho umthetho owawungekwenze, ngoba ubuthakathaka ngenyama, uNkulunkulu ethuma eyakhe iNdodana ifana lenyama elesono, njalo ngenxa yesono, walahla isono enyameni;
Ngokuba yena ongasazi isono wamenza isono esikhundleni sethu; ukuze senziwe ukulunga kukaNkulunkulu kuye.