UNumeri 8:2 - Contemporary Zulu Bible 2024 Tshono kuAroni uthi kuye: Nxa ukhanyisa izibane, izibane eziyisikhombisa zizakhanyisa phambi koluthi lwesibane. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Yisho ku-Aroni, uthi kuye: ‘Nxa ubeka izibani, izibani eziyisikhombisa mazikhanyise ngaphambi kothi lwezibani.’ ” IsiZulu 2020 “Yisho ku-Aroni uthi kuye: ‘Lapho ubeka izibani, izibani eziyisikhombisa ziyakukhanyisa phambi kothi lwezibani.’ ” |
Kumelwe wenze izibani eziyisikhombisa ngalo, futhi kumelwe zikhanyise izibani zalo, ukuze zikhanyise kulo.
Wenza izibani zalo eziyisikhombisa, nezindlawu zalo, nemilomo yalo ngegolide elicwengekileyo.
uthi lwezibani oluhlanzekile nezibani zalo, nezibani zokulungiswa, nezinto zalo zonke, namafutha okukhanyisa,
Emthethweni nasebufakazini: uma bengakhulumi njengaleli zwi, kungoba akukho ukukhanya kubo.
U-Aroni wenze njalo; wakhanyisa izibani zakhe malungana nothi lwezibani, njengalokho uJehova emyalile uMose.
Silalo futhi ilizwi lesiprofetho eliqiniseke kakhulu; enikwenza kahle ngokukuqaphela njengokukhanya okukhanya endaweni emnyama, kuze kuse, nekhwezi liphume ezinhliziyweni zenu;
Ngase ngiphenduka ukuba ngibone izwi elalikhuluma nami. Ngithe ngiphenduka, ngabona izinti zezibani eziyisikhombisa zegolide;
Imfihlakalo yezinkanyezi eziyisikhombisa ozibonileyo esandleni sami sokunene, nezinti zezibani eziyisikhombisa zegolide. Izinkanyezi eziyisikhombisa ziyizingelosi zamabandla ayisikhombisa, nezinti zezibani eziyisikhombisa zingamabandla ayisikhombisa.
Esihlalweni sobukhosi kuphuma imibani, nokuduma, namazwi, nezibani zomlilo eziyisikhombisa zivutha phambi kwesihlalo sobukhosi, ezingoMoya abayisikhombisa bakaNkulunkulu.