Benza kanjalo bonke abantwana bakwa-Israyeli; njengalokho uJehova ebayalile oMose no-Aroni, benze njalo-ke.
UNumeri 8:19 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngamnika u-Aroni namadodana akhe amaLevi phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, abe yisipho kubantwana bakwa-Israyeli, benze inkonzo yabantwana bakwa-Israyeli etendeni lokuhlangana, benzele abantwana bakwa-Israyeli ukubuyisana. Kasikho isifo phakathi kwabantwana bakoIsrayeli, lapho abantwana bakoIsrayeli besondela endlini engcwele. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngiwanikile amaLevi abe yisipho sika-Aroni nesamadodana akhe esivela kubantwana bakwa-Israyeli ukusebenza umsebenzi wabantwana bakwa-Israyeli etendeni lokuhlangana nokwenzela abantwana bakwa-Israyeli ukubuyisana, ukuze kungabikho sifo phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, lapho abantwana bakwa-Israyeli besondela endlini engcwele.” IsiZulu 2020 AbaLevi ngibanike u-Aroni namadodana akhe ukuba abe yisipho sabo esivela kubantu bakwa-Israyeli ukuze benze umsebenzi wabantu bakwa-Israyeli ethendeni lokuhlangana, nokubenzela abakwa-Israyeli ukubuyisana, ukuze kungabi bikho sifo phakathi kwabo, lapho abantu bakwa-Israyeli besondela endaweni engcwele.” |
Benza kanjalo bonke abantwana bakwa-Israyeli; njengalokho uJehova ebayalile oMose no-Aroni, benze njalo-ke.
Kodwa kumelwe ubeke amaLevi phezu kwetabernakele lobufakazi naphezu kwazo zonke izitsha zalo naphezu kwakho konke okungokwalo; kumelwe bathwale itabernakele nazo zonke izinto zalo; bayakulikhonza, balimise nxazonke zetabernakele.
Kodwa amaLevi ayakumisa nxazonke zetabernakele lobufakazi, funa kufike ulaka phezu kwenhlangano yabantwana bakwa-Israyeli; amaLevi ayakugcina inkonzo yetende lobufakazi.
UMose wayesethi ku-Aroni: “Thatha umcengezi womlilo, uthele kuwo umlilo wase-altare, ubeke impepho phezu kwawo, ungene masinyane ebandleni, uwenzele ukubuyisana, ngokuba intukuthelo kaJehova isiphumile; isiqalile isifo.
OMose no-Aroni nayo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli benza kumaLevi, njengalokho uJehova emyalile uMose ngamaLevi, benze njalo abantwana bakwa-Israyeli kuwo.
Wabulala abantu baseBeti Shemeshi, ngokuba babebheke emphongolweni kaJehova, yebo, wabulala abantu abangamashumi ayisithupha nanhlanu; isibhicongo.