UNumeri 7:83 - Contemporary Zulu Bible 2024 Okomnikelo wokubonga nakhu: izinkomo ezimbili, nezinqama eziyisihlanu, nezinqama eziyisihlanu, nezimvu zamaduna ezineminyaka emihlanu ubudala; lokho kwakungumnikelo ka-Ahira indodana ka-Enani. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Okomhlatshelo weminikelo yokuthula nakhu: izinkabi ezimbili, nezinqama eziyisihlanu, nezimpongo eziyisihlanu, nezimvu eziyisihlanu zamaduna ezinomnyaka munye; lokho kwakungumnikelo ka-Ahira indodana ka-Enani. IsiZulu 2020 Okomhlatshelo weminikelo yokuthula kwakuyilokhu: izinkabi ezimbili, izinqama eziyisihlanu, izimpongo eziyisihlanu, izimvu zamaduna ezinonyaka eziyisihlanu; yilokho-ke okwanikelwa ngu-Ahira, indodana ka-Enani. |
Nesizwe sakwaNafetali; u-Ahira indodana ka-Enani uyakuba ngumbusi phezu kwabantwana bakwaNafetali.
Lokhu kwakungukwahlukaniselwa kwe-altare mhla ligcotshwa yizikhulu zakwa-Israyeli: izingqwembe zesiliva eziyishumi nambili, nezindebe zesiliva eziyishumi nambili, nezindebe zegolide eziyishumi nambili;