UNumeri 7:62 - Contemporary Zulu Bible 2024 Indebe eyodwa yegolide yamashekeli ayishumi, igcwele impepho; IBHAYIBHELI ELINGCWELE nenkezo yegolide engamashekeli* ayishumi egcwele impepho, IsiZulu 2020 nesitsha segolide esingamashekeli ayishumi sigcwele impepho, |
Bayakuletha bonke abafowenu kube ngumhlatshelo kuJehova bevela ezizweni zonke begibele amahhashi, nangezinqola, nangezikebhe, naphezu kweminyuzi, nangezilwane ezinejubane, entabeni yami engcwele eJerusalema,” usho uJehova, “njengalokho abantwana bakwa-Israyeli beletha. “Umnikelo ngesitsha esihlambulukileyo endlini kaJehova.
Futhi iyoqinisa isivumelwano nabaningi isonto elilodwa; futhi phakathi nesonto uyokwenza ukuba umhlatshelo nomnikelo wempuphu kuphele, futhi ngenxa yokwanda kwezinengiso uyokwenza kube ihlane kuze kube sekugcineni futhi uyothululwa phezu koyedwa.
Umnikelo wakhe wawuyindishi eyodwa yesiliva, isisindo sayo singamashekeli ayikhulu namashumi amathathu, isitsha esisodwa sesiliva samashekeli angamashumi ayisikhombisa ngokweshekeli lendlu engcwele; zombili zigcwele impuphu ecolekileyo exovwe namafutha njengomnikelo womlilo.
ijongosi elilodwa ithole lenkomo, inqama eyodwa, iwundlu lemvu elimnyaka munye kube ngumnikelo wokutshiswa;
ukuze ngibe yisikhonzi sikaJesu Kristu kwabezizwe, ngikhonze ivangeli likaNkulunkulu, ukuze umnikelo kwabezizwe wamukeleke, ungcwelisiwe ngoMoya oNgcwele.
Kepha nginakho konke, ngiyachichima, sengamukele ku-Ephafrodithu izinto ezavela kini, iphunga elimnandi, nomhlatshelo owamukelekayo, othokozisayo kuNkulunkulu.
Ngakho masinikele njalonjalo kuNkulunkulu ngaye umhlatshelo wokubonga, okungukuthi isithelo sezindebe ezivuma igama lakhe.
Kuthe seliyithathile incwadi, izidalwa ezine eziphilayo namalunga angamashumi amabili nane awa phansi phambi kweWundlu, ngayinye inehabhu nezitsha zegolide zigcwele impepho eyimikhuleko yabangcwele.
Kwafika enye ingelosi, yema ngase-altare, inesitsha segolide sempepho; yanikwa impepho eningi ukuba iyinikele kanye nemithandazo yabangcwele bonke phezu kwe-altare legolide eliphambi kwesihlalo sobukhosi.
Umusi wempepho wenyuka kanye nemikhuleko yabangcwele phambi kukaNkulunkulu uphuma esandleni sengelosi.