Lezi ziyinani letabernakele, itabernakele lobufakazi, njengoko kwabalwayo ngokomthetho kaMose enkonzweni yamaLevi ngesandla sika-Itamari indodana ka-Aroni umpristi.
UNumeri 4:33 - Contemporary Zulu Bible 2024 Lena yinkonzo yezizukulwane zamadodana kaMerari ngomsebenzi wawo wonke etendeni lokuhlangana ngaphansi kwesandla sika-Ithamari indodana ka-Aroni umpristi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Lowo ungumsebenzi wemindeni yamadodana kaMerari ngokomsebenzi wabo wonke etendeni lokuhlangana phansi kwesandla sika-Itamari indodana ka-Aroni umpristi.” IsiZulu 2020 Yilowo umsebenzi wemindeni yabozalo lukaMerari abamiselwe ukuwenza ethendeni lokuhlangana phansi kwesandla sika-Ithamari, indodana ka-Aroni umphristi.” |
Lezi ziyinani letabernakele, itabernakele lobufakazi, njengoko kwabalwayo ngokomthetho kaMose enkonzweni yamaLevi ngesandla sika-Itamari indodana ka-Aroni umpristi.
Nxa umuntu ethatha umfowabo endlini kayise ethi: ‘Ninezingubo, yibani phezu kwethu;
Lona ngumsebenzi wenkonzo ezizukulwaneni zamadodana kaGereshoni etendeni lokuhlangana; inkonzo yawo ingaphansi kwesandla sika-Itamari indodana ka-Aroni umpristi.
nezinsika zegceke nxazonke, nezinyawo zazo, nezikhonkwane zazo, nezintambo zazo, nazo zonke izinto zazo, nawo wonke umsebenzi wazo wenkonzo;
OMose no-Aroni nezikhulu zenhlangano babala amadodana amaKohati ngemindeni yawo nangezindlu zawoyise;
Wanika amadodana kaMerari izinqola ezine nezinkabi eziyisishiyagalombili ngokomsebenzi wawo phansi kwesandla sika-Ithamari indodana ka-Aroni umpristi.
UJoshuwa wakhuluma kubapristi, wathi: “Phakamisani umphongolo wesivumelwano, niwele phambi kwabantu.” Basebewuphakamisa umphongolo wesivumelwano, baphuma phambi kwabantu.