UNumeri 36:9 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ifa aliyikuphuma kwesinye isizwe liye kwesinye isizwe; kodwa izizwe zabantwana bakwa-Israyeli kumelwe zigcine yileso naleso efeni laso. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ifa aliyikuhamba izizwe ngezizwe, ngokuba izizwe zabantwana bakwa-Israyeli ziyakunamathela, kube yileso naleso efeni laso. IsiZulu 2020 Akukho lifa eliyakuthathwa lidluliselwe kwesinye isizwana, ngokuba yileso naleso sizwana sakwa-Israyeli siyakunamathela efeni laso.” |
Ngakho ifa labantwana bakwa-Israyeli ngeke lisuke kwesinye isizwe liye kwesinye, ngoba abantwana bakwa-Israyeli kumelwe balondoloze yilowo nalowo efeni lesizwe soyise.
Yonke indodakazi enefa kunoma yisiphi isizwe sabantwana bakwa-Israyeli kumelwe ibe ngumfazi wozalo lwesizwe sikayise, ukuze abantwana bakwa-Israyeli badle yilowo nalowo efeni loyise.
Manje inkosi yami, inkosi, mayizwe amazwi enceku yayo. Uma uJehova ekuvusile ngokumelene nami, makamukele umhlatshelo; kepha uma bengamadodana abantu, baqalekisiwe phambi kukaJehova; ngoba bangixotshile lamuhla ukuthi ngingahlali efeni le Nkosi, besithi: Hamba ukhonze abanye onkulunkulu.