Futhi kwaJuda kwakukhona isandla sikaNkulunkulu ukubanika inhliziyo eyodwa ukwenza umyalo wenkosi nezikhulu ngezwi likaJehova.
UNumeri 36:10 - Contemporary Zulu Bible 2024 Njengalokho uJehova emyalile uMose, enze njalo amadodakazi kaSelofehadi; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Njengalokho uJehova emyalile uMose, enze njalo-ke amadodakazi kaSelofehadi, IsiZulu 2020 Amadodakazi kaZelofehadi enza njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose. |
Futhi kwaJuda kwakukhona isandla sikaNkulunkulu ukubanika inhliziyo eyodwa ukwenza umyalo wenkosi nezikhulu ngezwi likaJehova.
Benza kanjalo bonke abantwana bakwa-Israyeli; njengalokho uJehova ebayalile oMose no-Aroni, benze njalo-ke.
UMose wayesekhuluma kubantwana bakwa-Israyeli ukuba bakhiphe isiqalekiso ngaphandle kwekamu, bamkhanda ngamatshe. Abantwana bakwa-Israyeli benza njengalokho uJehova emyalile uMose.
Abantwana bakwa-Israyeli benza-ke njengalokho uJehova emyalile uMose, benze njalo-ke.
Ngokuba uMagila, noTirisa, noHogila, noMilka, noNowa, amadodakazi kaSelofehadi, agana amadodana abafowabo bakayise.
Ifa aliyikuphuma kwesinye isizwe liye kwesinye isizwe; kodwa izizwe zabantwana bakwa-Israyeli kumelwe zigcine yileso naleso efeni laso.
nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho; bhekani, mina nginani izinsuku zonke, kuze kube sekupheleni kwezwe. Amen.
Asondela phambi kuka-Eleyazare umpristi, naphambi kukaJoshuwa indodana kaNuni, naphambi kwezikhulu, athi: “UJehova wamyala uMose ukuba asinike ifa phakathi kwabafowethu. Ngakho wabapha ifa phakathi kwabafowabo bakayise ngokomyalo kaJehova.