UNumeri 35:30 - Contemporary Zulu Bible 2024 Loba ngubani obulala umuntu, umbulali kumele abulawe ngomlomo wabofakazi; kepha ufakazi oyedwa akayikufakaza ngomuntu ukuba afe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “ ‘Noma ubani obulala umuntu, umbulali uyakubulawa ngemilomo yawofakazi; kepha ufakazi oyedwa akayikufakazela muntu aze afe. IsiZulu 2020 “ ‘Noma ngubani obulala umuntu, uyobulawa ngenxa yobufakazi obethulwe ngaye. Kepha akekho oyobulawa ngenxa yobufakazi bomuntu oyedwa. |
Ngaphezu kwalokho, aniyikuthatha noma iyiphi inhlawulo yomphefumulo wombulali onecala lokubulala, kodwa kumelwe abulawe nakanjani.
Kodwa uma engakulaleli, thatha kanye nawe oyedwa noma ababili, ukuze ngomlomo wawofakazi ababili noma abathathu wonke amazwi aqiniswe.
Sekungokwesithathu ngiza kini. Ngomlomo wawofakazi ababili noma abathathu wonke amazwi ayakuqiniswa.
Ufakazi oyedwa akayikuma ngomuntu ngobubi noma ngesono kunoma yisiphi isono one ngaso; ngomlomo wawofakazi ababili noma ngomlomo wawofakazi abathathu indaba iyakuqiniswa.
Uqalekisiwe oshaya umakhelwane wakhe ngasese. Futhi bonke abantu kumelwe bathi: Amen!
Ungalamukeli ukumangalelwa ngelunga, ngaphandle kofakazi ababili noma abathathu.
Ngizanika ofakazi bami ababili amandla, njalo bazaphrofetha insuku eziyinkulungwane lamakhulu amabili lamatshumi ayisithupha bembethe isaka.