Ngokuba amaLevi ashiya amadlelo awo nempahla yawo, eza kwaJuda naseJerusalema, ngokuba uJerobowamu namadodana akhe babalahlile ukuba bangabe besaba ubupristi bukaJehova.
UNumeri 35:3 - Contemporary Zulu Bible 2024 Bayakuba nemizi yokuhlala kuyo; amadlelo awo abe ngawezinkomo zawo, nempahla yawo, nemfuyo yawo yonke. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Imizi ayakuhlala kuyo, amadlelo awo abe ngawezinkomo zawo, nawempahla yawo, nawezilwane zonke zawo. IsiZulu 2020 Imizi iyoba ngeyabo ukuba bahlale kuyo, namadlelo ezinkomo zabo abe yimpahla yabo, nawezilwane zonke zabo. |
Ngokuba amaLevi ashiya amadlelo awo nempahla yawo, eza kwaJuda naseJerusalema, ngokuba uJerobowamu namadodana akhe babalahlile ukuba bangabe besaba ubupristi bukaJehova.
Kulawa makube ngokwendlu engcwele amakhulu amahlanu ubude, ngamakhulu amahlanu ububanzi, ibe yisikwele nxazonke; nedlelo lakhe laliyizingalo ezingamashumi ayisihlanu nxazonke.
Yala abantwana bakwa-Israyeli ukuba banike amaLevi efeni lefa lawo imizi ukuba ahlale kuyo; futhi kumelwe unike amaLevi amadlelo emizi ezungezile.
Idlelo lemizi eniyakunika amaLevi liyakusukela odongeni lomuzi lidlule izingalo eziyinkulungwane nxazonke.
“ ‘Uma umLevi ephuma kwelinye lamasango akho, evela ku-Israyeli wonke, lapho egogobele khona njengowezizwe, eze nazo zonke izifiso zenhliziyo yakhe endaweni uJehova ayakuyikhetha;
Babanika umuzi ka-Arba, uyise ka-Enaki, eyiHebroni ezintabeni zakwaJuda, namadlelo ayo nxazonke zayo.