UNumeri 34:3 - Contemporary Zulu Bible 2024 Uhlangothi lwenu olungaseningizimu luyosukela ehlane laseSini ngasogwini lwakwa-Edomi, umkhawulo wenu ongaseningizimu ube ugu olungaphandle koLwandle Lukasawoti ngasempumalanga. IBHAYIBHELI ELINGCWELE uhlangothi lwaseningizimu luyakusuka ehlane laseSini, lugudle elakwa-Edomi, umkhawulo wenu waseningizimu usuke ekugcineni koLwandle Lukasawoti ngasempumalanga, IsiZulu 2020 Uhlangothi lwaseningizimu luyosuka ehlane iZini, lugudle kwa-Edomi. Umngcele wenu waseningizimu uyosuka ekugcineni koLwandle Lukasawoti, ngasempumalanga. |
Ngizamisa imingcele yakho kusukela eLwandle lweSikefe kusiya eLwandle lwamaFilisti, kusukela enkangala kuze kufike eNayile; ngokuba ngiyakubanikela abakhileyo ezweni esandleni sakho; futhi kumelwe ubaxoshe phambi kwakho.
Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Nanku umkhawulo eniyakudla ngawo izwe ngokwezizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli: uJosefa uyakuba nezabelo ezimbili.
Wayesethi kimi: “Lawa manzi aphuma aye ezweni lasempumalanga, ehlele ehlane, aye olwandle;
Base benyuka, balihlola izwe kusukela ehlane laseSini kuze kube seRehobe, lapho abantu befika eHamati.
Kusukela ehlane nakuleli Lebanoni kuze kufike emfuleni omkhulu, umfula u-Ewufrathe, lonke izwe lamaHeti, kuze kube seLwandle Olukhulu ekushoneni kwelanga, kuyakuba ngumkhawulo wenu.
Amanzi ehla evela phezulu ema akhuphuka aba yinqwaba kude kakhulu nomuzi ka-Adamu oseceleni kweSaretani, nalawo ayehlela olwandle lwaseThafeni, uLwandle Lukasawoti, aphela, aqedwa; abantu badabula iJeriko.