UFaro Nego wammisa ngamaviyo eRibila ezweni laseHamati, ukuze angabusi eJerusalema; wanika izwe intela yamatalenta ayikhulu esiliva netalenta legolide.
UNumeri 34:11 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ugu luyokwehla lusuka eSefamu luye eRibila, ngasempumalanga kwase-Ayini; futhi umucu wokulinganisa uyakwehla wenyukele ohlangothini loLwandle lwaseKinereti ngasempumalanga. IBHAYIBHELI ELINGCWELE umkhawulo wehle eShefamu, uye eRibila ngasempumalanga kwase-Ayini, umkhawulo wehle njalo, uze ufinyelele emmangweni wangaselwandle lwaseKinereti ngasempumalanga, IsiZulu 2020 wehle eShefamu, uye eRibhila empumalanga e-Ayini, wehle njalo uze ufinyelele emmangweni ongasolwandle iKhinerethi, empumalanga. |
UFaro Nego wammisa ngamaviyo eRibila ezweni laseHamati, ukuze angabusi eJerusalema; wanika izwe intela yamatalenta ayikhulu esiliva netalenta legolide.
Inkosi yaseBabele yabulala amadodana kaSedekiya phambi kwamehlo akhe; wazibulala zonke izikhulu zakwaJuda eRibila.
Bayibamba inkosi, bayiyisa enkosini yaseBabele eRibila ezweni laseHamati; lapho amgweba khona.
Kumelwe nikhethe umngcele wenu wasempumalanga kusukela eHazarenani kuze kube seSefamu.
Umngcele kumelwe wehlele eJordani, uphumele oLwandle Lukasawoti: lokhu kuyakuba yizwe lenu nezwe lalo nxazonke.
Kwathi isixuku simcindezela ukuba sizwe izwi likaNkulunkulu, wayemi ngaselwandle lwaseGenesaretha.
Emva kwalokho uJesu wamuka waya phesheya kolwandle lwaseGalile olungolwaseTiberiya.
nethafa neJordani nomkhawulo walo, kusukela eKinereti kuze kube selwandle lwasemathafeni, uLwandle Lukasawoti, phansi kwe-Ashidodi nePhisiga ngasempumalanga.
nasemakhosini asenyakatho yezintaba namathafa, eningizimu yeKineroti, nasesigodini, nasentshonalanga kwaseDori,
kusukela esigodini kuze kube solwandle lwaseKineroti ngasempumalanga, kuze kube seLwandle LwaseArabha, kuze kube seLwandle Lukasawoti ngasempumalanga endleleni yaseBeti Jeshimoti; naseningizimu, phansi kwe-Ashidodi-Pisga;
nasesigodini iBeti-ram, neBeti Nimra, neSukoti, neSafoni, ingxenye eseleyo yombuso kaSihoni, inkosi yaseHeshiboni, neJordani nemikhawulo yalo, kuze kube semaphethelweni oLwandle lwaseKinereti ngaphesheya kweJordani, ngasempumalanga.