UNumeri 33:4 - Contemporary Zulu Bible 2024 AbaseGibhithe bembela wonke amazibulo abo iNkosi eyayiwabulele phakathi kwabo; uJehova wabajezisa onkulunkulu bawo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE abaseGibithe besembela onke amazibulo abo abulawa kubo nguJehova, uJehova ebahlulele nawonkulunkulu babo. IsiZulu 2020 AbaseGibhithe babesangcwaba amazibulo abo ayebulawe nguSimakade. USimakade wayebehlulela nonkulunkulu babo. |
Ngiyakudabula izwe laseGibithe ngalobu busuku, ngibulale onke amazibulo ezweni laseGibithe, abantu nezilwane; ngiyakwahlulela bonke onkulunkulu baseGibithe; nginguJehova.
Manje sengiyazi ukuthi uJehova mkhulu kunabo bonke onkulunkulu, ngoba endabeni ababezidla ngayo wayephezu kwabo.
Isiprofetho ngeGibhithe. Bheka, uJehova ugibele ifu elinejubane, uyeza eGibithe; onkulunkulu baseGibithe bayakuthuthumela phambi kobuso bakhe, nezinhliziyo zaseGibithe ziyakuncibilika kulo.
UJehova uyakwesabeka kubo, ngokuba uyakwenza ukuba bonke onkulunkulu bomhlaba balambe; futhi abantu bayokhuleka kuyo, kube yilowo nalowo endaweni yakhe, zonke iziqhingi zezizwe.
Ngoba wonke amazibulo angawami; ngokuba mhla ngibulala amazibulo onke ezweni laseGibithe, ngazingcwelisela kimi onke amazibulo akwa-Israyeli, abantu nawezilwane; bayakuba ngabami; nginguJehova.