Basuka e-Elimi, inhlangano yonke yabantwana bakwa-Israyeli yafika ehlane laseSini eliphakathi kwe-Elimi neSinayi ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga yesibili emva kokuphuma kwabo ezweni laseGibithe.
UNumeri 33:10 - Contemporary Zulu Bible 2024 Basuka e-Elimi, bamisa ngaseLwandle LwaseSkelf. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Basuka e-Elimi, bamisa ngaseLwandle Olubomvu. IsiZulu 2020 Basuka e-Elimi, bakanisa ngasoLwandle Lomhlanga. |
Basuka e-Elimi, inhlangano yonke yabantwana bakwa-Israyeli yafika ehlane laseSini eliphakathi kwe-Elimi neSinayi ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga yesibili emva kokuphuma kwabo ezweni laseGibithe.
Ibandla lonke labantwana bakwa-Israyeli lasuka ehlane laseSini ngamabanga alo njengesiyalezo sikaJehova, lamisa eRafidimi; kwakungekho manzi okuba abantu baphuze.
Basuka eMara, bafika e-Elimi; e-Elimi kwakukhona imithombo eyishumi nambili yamanzi namasundu angamashumi ayisithupha; bamisa khona.