Bafika emfudlaneni i-Eshikoli, bagawula khona isithende ngehlukuzo lezithelo zomvini, balithwala ngodondolo phakathi kwababili; baletha namapomegranati namakhiwane.
UNumeri 32:9 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba lapho bekhuphukela esigodini sase-Eshikoli, balibona izwe, badumaza izinhliziyo zabantwana bakwa-Israyeli ukuba bangangeni ezweni uJehova abanika lona. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba ekukhuphukeni kwabo ukuya esiGodini sase-Eshikoli balibona izwe, baqeda inhliziyo yabantwana bakwa-Israyeli ukuba bangangeni ezweni uJehova abanike lona. IsiZulu 2020 Ekukhuphukeni kwabo beya esigodini i-Eshikholi balibona izwe, babathena amandla abakwa-Israyeli ukuba bangangeni ezweni uSimakade abanike lona. |
Bafika emfudlaneni i-Eshikoli, bagawula khona isithende ngehlukuzo lezithelo zomvini, balithwala ngodondolo phakathi kwababili; baletha namapomegranati namakhiwane.
Le ndawo yabizwa ngokuthi isifufula sase-Eshikoli ngenxa yesithunjana sezithelo zomvini abantwana bakwa-Israyeli ababesinqumile lapho.
Ahamba afika kuMose naku-Aroni nakuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ehlane lasePharanu eKadeshi; wababikela kanye nebandla lonke, wabazisa izithelo zezwe.