UNumeri 32:10 - Contemporary Zulu Bible 2024 Intukuthelo kaJehova yavutha ngaso leso sikhathi, wafunga wathi: IBHAYIBHELI ELINGCWELE Intukuthelo kaJehova yavutha ngalolo suku, wafunga wathi: IsiZulu 2020 Intukuthelo kaSimakade yavutha ngalolo lusuku, wafunga wathi: |
Kepha nami ngabaphakamisela isandla sami ehlane, ukuthi angiyikubangenisa ezweni engabanika lona, elichichima ubisi nezinyosi, elikhazimulayo emazweni onke;
INkosi yasisithi kuMozisi: Koze kube nini lababantu bengidlala? Koze kube nini bengangikholwa ngenxa yazo zonke izibonakaliso engizenzile phakathi kwabo na?
Ngempela, ngeke balibone izwe engalifungela okhokho babo, futhi akekho noyedwa walabo abangiklolodelayo oyolibona.
Izidumbu zenu zizawela ogwadule; nabo bonke ababalwayo kini ngokwenani lenu lonke, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, abakhononda ngami.