Futhi yonke ingcebo yabo nabo bonke abantwana babo abancane nabafazi babo bathumba futhi baphanga konke okwakusendlini.
UNumeri 31:9 - Contemporary Zulu Bible 2024 Abantwana bakwa-Israyeli bathumba bonke abesifazane bakwaMidiyani nabantwana babo, bathumba zonke izinkomo zabo, nayo yonke imihlambi yabo, nayo yonke impahla yabo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abantwana bakwa-Israyeli bathumba abesifazane bakwaMidiyani nabancane babo; nazo zonke izinkomo zabo, nazo zonke izimvu zabo, nayo yonke impahla yabo bakuthatha kwaba yimpango yabo. IsiZulu 2020 Abakwa-Israyeli bathumba abesifazane bakwaMidiyani nezingane, bathatha yonke imfuyo yabo nawo wonke umcebo wabo, nempahla yabo, kwayimpango. |
Futhi yonke ingcebo yabo nabo bonke abantwana babo abancane nabafazi babo bathumba futhi baphanga konke okwakusendlini.
Bachitha namatende ezinkomo, bathumba izimvu namakamela ngobuningi, babuyela eJerusalema.
Ngakho uJehova uNkulunkulu wakhe wamnikela esandleni senkosi yase-Aramu; bamehlula, bathumba kubo isixuku esikhulu, babayisa eDamaseku. Naye wanikelwa esandleni senkosi yakwa-Israyeli, yamshaya ngokuceka okukhulu.
Bayishisa yonke imizi yabo ababehlala kuyo, nezinqaba zabo zonke ezinhle ngomlilo.
Babulala amakhosi akwaMidiyani, ngaphandle kwabaseleyo kwababuleweyo; okungukuthi u-Ewi, noRekemi, noSuri, noHure, noReba, amakhosi ayisihlanu akwaMidiyani; UBileyamu indodana kaBeyori naye wababulala ngenkemba.
Kodwa abesifazane nabantwana abancane nemfuyo nakho konke okusemzini, yonke impango yawo, kumelwe uzithathele wena; uyakudla impango yezitha zakho uJehova uNkulunkulu wakho akunike yona.