Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UNumeri 31:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

Abantwana bakwa-Israyeli bathumba bonke abesifazane bakwaMidiyani nabantwana babo, bathumba zonke izinkomo zabo, nayo yonke imihlambi yabo, nayo yonke impahla yabo.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Abantwana bakwa-Israyeli bathumba abesifazane bakwaMidiyani nabancane babo; nazo zonke izinkomo zabo, nazo zonke izimvu zabo, nayo yonke impahla yabo bakuthatha kwaba yimpango yabo.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Abakwa-Israyeli bathumba abesifazane bakwaMidiyani nezingane, bathatha yonke imfuyo yabo nawo wonke umcebo wabo, nempahla yabo, kwayimpango.

Uka jalj uñjjattʼäta



UNumeri 31:9
9 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Futhi yonke ingcebo yabo nabo bonke abantwana babo abancane nabafazi babo bathumba futhi baphanga konke okwakusendlini.


Bachitha namatende ezinkomo, bathumba izimvu namakamela ngobuningi, babuyela eJerusalema.


Ngakho uJehova uNkulunkulu wakhe wamnikela esandleni senkosi yase-Aramu; bamehlula, bathumba kubo isixuku esikhulu, babayisa eDamaseku. Naye wanikelwa esandleni senkosi yakwa-Israyeli, yamshaya ngokuceka okukhulu.


Bayishisa yonke imizi yabo ababehlala kuyo, nezinqaba zabo zonke ezinhle ngomlilo.


(Ngokuba amadoda empi athatha impango, kwaba yilowo nalowo ngeyakhe.)


Babulala amakhosi akwaMidiyani, ngaphandle kwabaseleyo kwababuleweyo; okungukuthi u-Ewi, noRekemi, noSuri, noHure, noReba, amakhosi ayisihlanu akwaMidiyani; UBileyamu indodana kaBeyori naye wababulala ngenkemba.


Kodwa abesifazane nabantwana abancane nemfuyo nakho konke okusemzini, yonke impango yawo, kumelwe uzithathele wena; uyakudla impango yezitha zakho uJehova uNkulunkulu wakho akunike yona.