Bagcina inkonzo yetende lokuhlangana, nenkonzo yendlu engcwele, nenkonzo yamadodana ka-Aroni, abafowabo, enkonzweni yendlu kaJehova.
UNumeri 31:30 - Contemporary Zulu Bible 2024 Enxenyeni yabantwana bakwa-Israyeli uyakuthatha enye emashumini ayisihlanu, kubantu, nakuzo izinkomo, nakuzo izimbongolo, nasemhlambini wezimvu, kuzo zonke izinhlobo zezilwane, ukunike amaLevi agcina imihlambi isevisi. Wetabernakele leNkosi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Enxenyeni yabantwana bakwa-Israyeli wothabatha kube kunye emashumini ayisihlanu, awabantu, nawezinkomo, nawezimbongolo, nawezimvu, yebo, awezilwane zonke, ukunike amaLevi agcina inkonzo yetabernakele* likaJehova.” IsiZulu 2020 Engxenyeni yabantu bakwa-Israyeli uyothatha kube kunye ema-50, awabantu, awezinkomo, izimbongolo, nawezimvu, yebo, awezilwane zonke, ukunike abaLevi abagcina inkonzo yethabanakeli likaSimakade.” |
Bagcina inkonzo yetende lokuhlangana, nenkonzo yendlu engcwele, nenkonzo yamadodana ka-Aroni, abafowabo, enkonzweni yendlu kaJehova.
Bachitha namatende ezinkomo, bathumba izimvu namakamela ngobuningi, babuyela eJerusalema.
Kodwa amaLevi ayakumisa nxazonke zetabernakele lobufakazi, funa kufike ulaka phezu kwenhlangano yabantwana bakwa-Israyeli; amaLevi ayakugcina inkonzo yetende lobufakazi.
Inkonzo yamadodana kaGereshoni etendeni lokuhlangana iyakuba yitabernakele netende, nesembozo salo, neveli lomnyango wetende lokuhlangana;
Inkonzo yabo iyakuba ngumphongolo, netafula, nothi lwesibani, nama-altare, nezinto zendlu engcwele abakhonza ngazo, neveli, nayo yonke inkonzo yalo.
Niyakuthathela uJehova intela emaqhaweni aphuma impi: umphefumulo oyedwa kwabangamakhulu ayisihlanu, kubantu, nakuzo izinkomo, nakuzo izimbongolo, nakuzo izimvu;
Thatha inxenye yazo uyinike u-Eleyazare umpristi ibe ngumnikelo wokuphakanyiswa ovela kuJehova.
Kodwa kumelwe bakhonze kanye nabafowabo etendeni lokuhlangana ukuze bagcine inkonzo futhi bangenzi msebenzi wenkonzo. Uyakwenze njalo kumaLevi lokho okuthinta umyalo wawo.
Ziqapheleni nina nomhlambi wonke anibeke kuwo uMoya oNgcwele ukuba nibe ngababonisi bokwelusa ibandla likaNkulunkulu azithengele lona ngegazi lakhe.
UJoshuwa wabenza abagawuli bezinkuni nemithombo yamanzi ngalolo suku, bebandla nase-altare likaJehova, kuze kube namuhla endaweni abengayikhetha.