Ngokuba ngifuna umusa, hhayi umhlatshelo; nolwazi ngoNkulunkulu kuneminikelo yokushiswa.
UNumeri 30:5 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa uma uyise emala ngosuku akuzwa ngalo; akuyikuba khona nesisodwa sezithembiso zakhe noma sezibopho zakhe abophe ngazo umphefumulo wakhe; uJehova uyakuyithethelela, ngokuba uyise emyalile. IBHAYIBHELI ELINGCWELE kepha uma uyise emalela ngosuku akuzwa ngalo, akuyikuma nesisodwa sezithembiso zakhe nesezibopho zakhe abophe ngazo umphefumulo wakhe; uJehova uyakumthethelela, ngokuba uyise umalele. IsiZulu 2020 Kodwa uma uyise emenqabela ngosuku ezwa ngalo, zonke izifungo nezithembiso zakhe azibophezele ngazo aziyukuma; uSimakade uyomthethelela, ngoba uyise emenqabele. |
Ngokuba ngifuna umusa, hhayi umhlatshelo; nolwazi ngoNkulunkulu kuneminikelo yokushiswa.
Umyeni wakhe wakuzwa, wathula naye, akamvumela; zonke izithembiso zakhe ziyakuma, nazo zonke izibopho abophe ngazo umphefumulo wakhe ziyakuma.
Uyise uyasilalela isithembiso sakhe nesibopho sakhe abophe ngaso umphefumulo wakhe, uyise athule kuye; zonke izithembiso zakhe ziyakuma, nazo zonke izibopho abophe ngazo umphefumulo wakhe ziyakuma.
Uma enendoda, lapho ebophe isithembiso, noma esho utho oluphuma emlonyeni wakhe abophe ngakho umphefumulo wakhe;
Kepha uma indoda yakhe imalela ngosuku ekuzwa ngalo; khona-ke kumelwe enze isithembiso sakhe athembisa ngaso, nasikhulumile ngezindebe zakhe, abophe ngaso umphefumulo wakhe, asinakuchithwa; uJehova uyakumthethelela.