Kodwa izibulo lembongolo wolihlenga ngewundlu; futhi uma ungamyeki, kumelwe uyiphule intamo. Wonke amazibulo amadodana akho kumelwe uwahlenge. Futhi akekho ozovela phambi kwami engenalutho.
UNumeri 3:45 - Contemporary Zulu Bible 2024 Thatha amaLevi esikhundleni samazibulo onke phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, nezinkomo zamaLevi esikhundleni sezinkomo zabo; amaLevi ayakuba ngawami. Mina nginguJehova. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Thabatha amaLevi esikhundleni samazibulo onke phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli nezinkomo zamaLevi esikhundleni sezinkomo zabo, amaLevi abe ngawami; nginguJehova. IsiZulu 2020 “Thatha abaLevi esikhundleni samazibulo wonke abantu bakwa-Israyeli, nemfuyo yabaLevi esikhundleni samazibulo emfuyo yabo, ngokuba abaLevi bangabami; nginguSimakade. |
Kodwa izibulo lembongolo wolihlenga ngewundlu; futhi uma ungamyeki, kumelwe uyiphule intamo. Wonke amazibulo amadodana akho kumelwe uwahlenge. Futhi akekho ozovela phambi kwami engenalutho.
Niyakwazi ukuthi nginithumele lo myalo, ukuze isivumelwano sami sibe noLevi,” usho uJehova Sebawoti.
Bhekani, ngibathathile abafowenu, amaLevi, phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli; kini banikelwe njengesipho kuJehova, ukuba benze inkonzo yetende lokuhlangana.
Mina-ke, bheka, ngawathatha amaLevi phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli esikhundleni samazibulo onke avula isizalo phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli; ngalokho amaLevi ayakuba ngawami;
Ngokuba baphiwa mina impela phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli; esikhundleni salabo abavula zonke izizalo zikanina, esikhundleni samazibulo abo bonke abantwana bakwa-Israyeli, ngabathatha bona.