Konke okuvula isizalo kuyo yonke inyama abayiletha kuJehova, kubantu noma kweyezilwane, kuyakuba ngokwakho;
UNumeri 3:41 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kumelwe ungithathele amaLevi, nginguJehova, esikhundleni samazibulo onke phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli; nezinkomo zamaLevi esikhundleni samazibulo onke ezinkomo zabantwana bakwa-Israyeli. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uyakungithabathela amaLevi nginguJehova esikhundleni samazibulo onke abantwana bakwa-Israyeli, nezinkomo zamaLevi esikhundleni samazibulo onke ezinkomo zabantwana bakwa-Israyeli.” IsiZulu 2020 ungithathele abaLevi esikhundleni samazibulo wonke abantu bakwa-Israyeli, nawemfuyo; nginguSimakade.” |
Konke okuvula isizalo kuyo yonke inyama abayiletha kuJehova, kubantu noma kweyezilwane, kuyakuba ngokwakho;
Mina-ke, bheka, ngawathatha amaLevi phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli esikhundleni samazibulo onke avula isizalo phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli; ngalokho amaLevi ayakuba ngawami;
Ngoba wonke amazibulo angawami; ngokuba mhla ngibulala amazibulo onke ezweni laseGibithe, ngazingcwelisela kimi onke amazibulo akwa-Israyeli, abantu nawezilwane; bayakuba ngabami; nginguJehova.
UMose wabala onke amazibulo phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, njengalokho uJehova emyalile.
Thatha amaLevi esikhundleni samazibulo onke phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, nezinkomo zamaLevi esikhundleni sezinkomo zabo; amaLevi ayakuba ngawami. Mina nginguJehova.
Ngokuba baphiwa mina impela phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli; esikhundleni salabo abavula zonke izizalo zikanina, esikhundleni samazibulo abo bonke abantwana bakwa-Israyeli, ngabathatha bona.
njengalokhu iNdodana yomuntu ingezanga ukukhonzwa, kodwa ukukhonza, nokunikela ukuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.
owazinikela abe yinhlawulo yabo bonke, kube ngubufakazi ngesikhathi esifaneleyo.