KwaKohati kwavela umndeni wakwa-Amramu nomndeni wama-Ishari nomndeni wakwaHebroni nomndeni wakwa-Uzili; lezi ziyizizukulwane zamaKohati.
UNumeri 3:28 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokwenani labo bonke abesilisa kusukela kwabanenyanga kuya phezulu babe yizinkulungwane eziyisishiyagalombili namakhulu ayisithupha ababegcina inkonzo yendlu engcwele. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Njengokomumo wabo bonke abesilisa kusukela kwabanenyanga kuya phezulu babe yizinkulungwane eziyisishiyagalombili namakhulu ayisithupha, begcina inkonzo yendlu engcwele. IsiZulu 2020 Inani labo bonke abesilisa, kusukela konenyanga kuya phezulu, babeyizi-8 600. |
KwaKohati kwavela umndeni wakwa-Amramu nomndeni wama-Ishari nomndeni wakwaHebroni nomndeni wakwa-Uzili; lezi ziyizizukulwane zamaKohati.
Inkonzo yabo iyakuba ngumphongolo, netafula, nothi lwesibani, nama-altare, nezinto zendlu engcwele abakhonza ngazo, neveli, nayo yonke inkonzo yalo.
Bayakugcina inkonzo yayo nenkonzo yebandla lonke phambi kwetende lokuhlangana, benze inkonzo yetende.