Ekuqaleni kwezinyanga zenu niyakunikela ngomnikelo wokushiswa kuJehova; izinkunzi ezimbili, nenqama eyodwa, nezimvu zamawundlu eziyisikhombisa ezinomnyaka munye ezingenasici;
UNumeri 28:27 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa kumelwe ulungise umnikelo wokushiswa ube yiphunga elimnandi kuJehova; izinkunzi ezimbili, inqama eyodwa, amawundlu angamaduna ayisikhombisa anomnyaka munye; IBHAYIBHELI ELINGCWELE kepha ninikele ngomnikelo wokushiswa wephunga elimnandi: amaduna amabili, nenqama ibe nye, nezimvu zamaduna eziyisikhombisa ezinomnyaka munye, IsiZulu 2020 Niyonikela ngomnikelo wokushiswa, ube yiphunga elimnandi: amaduna amabili, inqama, izimvu ezingamaduna eziyisikhombisa ezinyaka munye. |
Ekuqaleni kwezinyanga zenu niyakunikela ngomnikelo wokushiswa kuJehova; izinkunzi ezimbili, nenqama eyodwa, nezimvu zamawundlu eziyisikhombisa ezinomnyaka munye ezingenasici;
Niyakunikela ngomnikelo womlilo njengomnikelo wokushiswa kuJehova; izinkunzi ezimbili, inqama eyodwa, nezimvu zamawundlu eziyisikhombisa ezinomnyaka munye; angabi nasici kini.
“ ‘Ngosuku lolibo, uma niletha umnikelo omusha womlilo kuJehova emva kwamasonto enu, niyakuba nomhlangano ongcwele; ningasebenzi msebenzi;
nomnikelo wazo wokudla wempuphu ecolekileyo exovwe namafutha, izingxenye ezintathu zokweshumi ngenkunzi inye, nokweshumi okubili ngenqama inye,
ngaphandle komnikelo wokushiswa wenyanga nomnikelo wawo wempuphu, nomnikelo oshiswa imihla yonke, nomnikelo wawo wempuphu, neminikelo yawo yokuphuzwa, njengokwesimiso sabo, kube yiphunga elimnandi, umnikelo womlilo kuJehova.