Ngangizamela indaba yami phambi kwakhe, ngigcwalise umlomo wami ngezimpikiswano.
UNumeri 27:5 - Contemporary Zulu Bible 2024 UMozisi waseletha udaba lwabo phambi kweNkosi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UMose wayiletha indaba yawo phambi kukaJehova. IsiZulu 2020 UMose walwethula udaba lwawo kuSimakade. |
Ngangizamela indaba yami phambi kwakhe, ngigcwalise umlomo wami ngezimpikiswano.
Ngiyakuhlangana nawe lapho, ngikhulume nawe ngiphezu kwesihlalo somusa phakathi kwamakherubi amabili aphezu komphongolo wobufakazi ngakho konke engikuyala ngakho kubantwana bakwa-Israyeli.
Kumelwe ame phambi kuka-Eleyazare umpristi oyobuza kuye ngokwesahlulelo se-Urimi phambi kukaJehova; ngezwi lakhe bayakuphuma, futhi ngezwi lakhe bayakungena, yena nabo bonke abantwana bakwa-Israyeli kanye naye, yebo yonke inhlangano.
Kungani igama likababa kumelwe liqedwe phakathi komndeni wakhe, ngoba engenandodana? Bese usinika ifa phakathi kwabafowabo bakababa.
Bathi: “INkosi yayala inkosi yami ukuba inike abantwana bakwa-Israyeli izwe libe yifa ngenkatho; futhi inkosi yami yayiyaliwe nguJehova ukuba ifa lomfowethu uSelofehadi linike amadodakazi akhe.
Asondela phambi kuka-Eleyazare umpristi, naphambi kukaJoshuwa indodana kaNuni, naphambi kwezikhulu, athi: “UJehova wamyala uMose ukuba asinike ifa phakathi kwabafowethu. Ngakho wabapha ifa phakathi kwabafowabo bakayise ngokomyalo kaJehova.