Wandisa abantwana babo baba ngangezinkanyezi zezulu, wabangenisa ezweni owathembisa ngalo oyise ukuthi bayakungena ukulidla.
UNumeri 26:51 - Contemporary Zulu Bible 2024 Yilabo ababalwayo koonyana bakaSirayeli, izinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha nanye namakhulu ayisikhombisa namashumi amathathu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Yilabo ababalwayo babantwana bakwa-Israyeli, izinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha nanye namakhulu ayisikhombisa namashumi amathathu. IsiZulu 2020 Sebebonke abantu bakwa-Israyeli ababalwayo babeyizi-601 730. |
Wandisa abantwana babo baba ngangezinkanyezi zezulu, wabangenisa ezweni owathembisa ngalo oyise ukuthi bayakungena ukulidla.
Abantwana bakwa-Israyeli basuka eRamsesi baya eSukoti, kungathi izinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha ezihamba ngezinyawo, amadoda ngaphandle kwabantwana.
ibheka ngendoda, inxenye yeshekeli ngokweshekeli lendlu engcwele, kubo bonke ababalwayo kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, amadoda ayizinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha nantathu namakhulu amahlanu namashumi ayisihlanu.
Bonke ababalwayo babe yizinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha nantathu namakhulu amahlanu namashumi amahlanu.
Wathi uMose: “Abantu engiphakathi kwabo bayizinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha abahamba ngezinyawo; wathi: Ngizabanika inyama, ukuze badle inyanga yonke.
Ngabo abo ababalwayo koonyana bakaSirayeli, ngokwezindlu zooyise; bonke ababalelwa eminqubeni ngamabandla abo ngamakhulu omathandathu amawaka, anesithathu samawaka, anamakhulu mahlanu, anamanci mahlanu.