UNumeri 26:30 - Contemporary Zulu Bible 2024 Lawa angamadodana kaGileyadi: kwaJeseri: ngumndeni wakwaJeseri; kwaHeleki: ngumndeni wakwaHeleki; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Lawa angamadodana kaGileyadi: kwa-Iyezeri: ngumndeni wakwa-Iyezeri; kwaHeleki: ngumndeni wakwaHeleki; IsiZulu 2020 Abozalo lukaGileyadi yilaba: ku-Iyezeri: ngumndeni wabakwa-Iyezeri; kuHeleki: ngumndeni wabakwaHeleki; |
Kwakukhona nabanye abantwana bakwaManase abaningi ngemindeni yabo; kubantwana bakwa-Abiyezeri, nakubantwana bakwaHeleki, nakubantwana bakwa-Asiriyeli, nakubantwana bakwaShekemi, nakubantwana bakwaHeferi, nakubantwana bakwaSemida; labo babe ngamadodana kaManase indodana kaJosefa ngemindeni yabo.
Kwafika ingelosi kaJehova, yahlala phansi kwesihlahla somtholo esasise-Ofira, esingesikaJowashi umAbiyeze; uGideyoni indodana yakhe wayebhula ukolweni esikhamweni sewayini ukuze amfihle kumaMidiyani.
UGideyoni wamakhela khona uJehova i-altare, walibiza ngokuthi: UJehova, ukuthula; kuze kube namuhla iseOfira lama-Abiyezeri.
UMoya kaJehova wehlela kuGideyoni, wabetha icilongo; no-Abiyezeri wabuthana emva kwakhe.
Wathi kubo: “Ngenzeni manje uma kuqhathaniswa nani na?” Ulibo lwezithelo zomvini zakwa-Efrayimi alungcono yini kunokuvuna umvini wase-Abiyezeri na?