UFinehasi indodana ka-Eleyazare wayengumbusi phezu kwabo ngaphambili, uJehova wayenaye.
UNumeri 25:7 - Contemporary Zulu Bible 2024 UFinehasi indodana ka-Eleyazare indodana ka-Aroni umpristi ekubona lokho, wasuka ebandleni, waphatha umkhonto ngesandla sakhe; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Esekubona uFinehasi ka-Eleyazare ka-Aroni umpristi wavuka ephakathi kwenhlangano, wathatha umkhonto ngesandla sakhe, IsiZulu 2020 UFinehasi, indodana ka-Eleyazare ka-Aroni umphristi, wakubona lokho, wasukuma phakathi kwenhlangano, wadumela umkhonto wakhe. |
UFinehasi indodana ka-Eleyazare wayengumbusi phezu kwabo ngaphambili, uJehova wayenaye.
indodana ka-Abishuwa, indodana kaFinehasi, indodana ka-Eleyazare, indodana ka-Aroni, umpristi omkhulu;
Abantwana bakwaLevi benza njengezwi likaMose; kwawa ngalolo suku kubantu kungathi izinkulungwane ezintathu.
U-Eleyazare indodana ka-Aroni wazithathela enye yamadodakazi kaPhuthiyeli, yaba ngumkakhe; wamzalela uFinehasi. Lezi ziyizinhloko zemindeni yamaLevi ngezizukulwane zabo.
Isivumelwano sami naye sasingukuphila nokuthula; ngamnika ngenxa yokwesaba ayengesaba ngakho, esaba igama lami.
UMose wabathuma empini, inkulungwane esizweni, bona noFinehasi indodana ka-Eleyazare umpristi, baye empini, bephethe izinto ezingcwele namacilongo okubethwa esandleni sakhe.
Abantwana bakwa-Israyeli bathumela kubantwana bakwaRubeni nakubantwana bakwaGadi nasengxenyeni yesizwe sakwaManase ezweni lakwaGileyadi uFinehasi indodana ka-Eleyazare umpristi;
UFinehasi, indodana ka-Eleyazare, indodana ka-Aroni, wema phambi kwakhe ngalezo zinsuku, wathi: “Ngiphinde ngiphume ukulwa nabantwana bakwaBhenjamini, umfowethu, noma ngiyeke?” Wayesethi uJehova: “Yenyuka; ngoba kusasa ngizawanikela esandleni sakho.
Umoya omubi kaJehova waba phezu kukaSawule ehlezi endlini yakhe ephethe umkhonto esandleni sakhe, uDavide ebetha ngesandla sakhe.