UNumeri 25:12 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngakho uthi: Khangela, ngimnika isivumelwano sami sokuthula. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngalokho yisho ukuthi: ‘Bheka, ngiyamnika isivumelwano sami sokuthula; IsiZulu 2020 Ngakho-ke batshele, uthi: ‘Bheka, ngizomnika isivumelwano sami sokuthula. |
Ngoba izintaba ziyomuka namagquma ayozamazama; kepha umusa wami awuyikusuka kuwe, nesivumelwano sami sokuthula asiyikunyakaziswa,” usho uJehova ohawukelayo.
Ngiyakwenza isivumelwano sokuthula nabo, ngenze ukuba izilo ezimbi ziphele ezweni, zihlale ehlane ngokulondeka, zilale ehlathini;
Ngiyakwenza isivumelwano sokuthula nabo; kuyakuba yisivumelwano esiphakade nabo; ngiyakubabeka, ngibandise, ngibeke indlu yami engcwele phakathi kwabo kuze kube phakade.
Kodwa naphambuka endleleni; nikhubekise abaningi emthethweni; nichithile isivumelwano sikaLevi,” usho uJehova Sebawoti.
Bheka, ngiyathuma isithunywa sami, futhi siyakulungisa indlela phambi kwami; iNkosi eniyifunayo iyakufika ngokuzuma ethempelini layo, isithunywa sesivumelwano enithokoza ngaso; bheka, uyeza, usho uJehova Sebawoti.
Ama-Amaleki ahlala ezweni laseningizimu, amaHeti, namaJebusi, nama-Amori ahlala ezintabeni, namaKhanani ahlala ngaselwandle ngasogwini lweJordani.