Kuyakuthi lapho uMowabi ebonakala ukuthi ukhathele phezulu, uyakungena endlini yakhe engcwele ukuba akhuleke; kodwa kayikunqoba.
UNumeri 22:39 - Contemporary Zulu Bible 2024 UBileyamu wahamba noBalaki, bafika eKiriyati-Husoti. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UBileyamu wahamba noBalaki, bafika eKiriyati Husoti. IsiZulu 2020 UBhileyamu wahamba noBhalaki, bafika eKiriyathi Huzothi. |
Kuyakuthi lapho uMowabi ebonakala ukuthi ukhathele phezulu, uyakungena endlini yakhe engcwele ukuba akhuleke; kodwa kayikunqoba.
UBileyamu wayesethi kuBalaki: “Bheka, ngize kuwe; nginamandla okukhuluma manje? izwi uNkulunkulu alifaka emlonyeni wami, ngiyakulikhuluma.
UBalaki wanikela ngezinkomo nezimvu, wakuthuma kuBileyamu nakuzo izikhulu ezazinaye.