Wayesethi uMika: “Kuphila kukaJehova, lokho uNkulunkulu wami akukhulumayo ngiyakukhuluma.”
UNumeri 22:35 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ingelosi kaJehova yathi kuBileyamu: “Hamba namadoda; kodwa kuphela izwi engizolikhuluma kuwe, okufanele ulikhulume. UBileyamu wahamba nezikhulu zikaBalaki. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Yayisithi ingelosi kaJehova kuBileyamu: “Hamba nalawa madoda, kepha lelo zwi kuphela engiyakulikhuluma kuwe uyakulikhuluma.” UBileyamu wayesehamba nezikhulu zikaBalaki. IsiZulu 2020 Ingelosi kaSimakade yathi kuBhileyamu: “Hamba nalawa madoda, kodwa uyokhuluma kuphela lokho engizokutshela khona.” UBhileyamu wayesehamba namalunga kaBhalaki. |
Wayesethi uMika: “Kuphila kukaJehova, lokho uNkulunkulu wami akukhulumayo ngiyakukhuluma.”
Ohamba ngobuqotho uyakusindiswa; kepha omubi ezindleleni zakhe uyakuwa masinyane.
UBalaki esezwile ukuthi uBileyamu usefikile, waphuma ukumhlangabeza emzini wakwaMowabi osemngceleni we-Arinoni, ekugcineni ogwini.
Kepha angivumanga ukumlalela uBileyamu; ngakho-ke usakubusisa; ngalokho nganisindisa esandleni sakhe.