Wasusa izindawo eziphakemeyo, wadiliza izithombe, wagawula izihlahla, waphula inyoka yethusi uMose ayeyenzile, ngokuba kwaze kwaba yilezo zinsuku abantwana bakwa-Israyeli bashunqa kuyo umusi, wayiqamba ngokuthi uNehustan.
UNumeri 21:9 - Contemporary Zulu Bible 2024 UMose wenza inyoka yethusi, wayibeka esigxotsheni; uma inyoka iluma umuntu, waphila lapho ebona inyoka yethusi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UMose wenza inyoka yethusi, wayibeka ensikeni; kwathi lapho inyoka imlumile umuntu, uma ebeyibheka inyoka yethusi, wasinda. IsiZulu 2020 UMose wenza inyoka yethusi, wayiphanyeka ensikeni. Kwakuthi lapho umuntu elunywe yinyoka, bese ebheka inyoka yethusi, asinde. |
Wasusa izindawo eziphakemeyo, wadiliza izithombe, wagawula izihlahla, waphula inyoka yethusi uMose ayeyenzile, ngokuba kwaze kwaba yilezo zinsuku abantwana bakwa-Israyeli bashunqa kuyo umusi, wayiqamba ngokuthi uNehustan.
Bhekani Kimi, nisindiswe, nonke mikhawulo yomhlaba, ngokuba nginguNkulunkulu, akakho omunye.
Ngiyakuthululela phezu kwendlu kaDavide naphezu kwabakhileyo eJerusalema umoya womusa nokunxusa; futhi bayongibheka mina abangigwazayo, futhi bayomlilela njengoba nje umuntu elilela indodana yakhe eyodwa, futhi bayoba munyu kuyo, njengomuntu omunyu ngenxa yezibulo lakhe.
Ngangomuso wabona uJesu eza kuye, wathi: “Bheka, iWundlu likaNkulunkulu, elisusa izono zezwe.
Le yintando yalowo ongithumileyo, ukuthi wonke obona iNdodana, akholwe kuyo, abe lokuphila okuphakade, lami ngizamvusa ngosuku lokucina.
Ngokuba ukulunga kukaNkulunkulu kwembulwa kulo, kuvela ekukholweni kuye ekukholweni, njengokulotshiweyo ukuthi: Olungileyo uyakuphila ngokukholwa.
Ngoba lokho umthetho owawungekwenze, ngoba ubuthakathaka ngenyama, uNkulunkulu ethuma eyakhe iNdodana ifana lenyama elesono, njalo ngenxa yesono, walahla isono enyameni;
Ngokuba yena ongasazi isono wamenza isono esikhundleni sethu; ukuze senziwe ukulunga kukaNkulunkulu kuye.
sibheke kuJesu umqalisi nomphelelisi wokukholwa kwethu; owathi ngenxa yentokozo eyayibekwe phambi kwakhe wathwala isiphambano, edelela ihlazo, futhi usehlezi ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu.
Owenza isono ungokaSathane; ngoba uSathane uyona kwasekuqaleni. Ngalokho iNdodana kaNkulunkulu yabonakaliswa, ukuze ichithe imisebenzi kaSathane.