UNumeri 21:30 - Contemporary Zulu Bible 2024 Sabadubula; IHeshiboni labhubha kwaze kwaba seDiboni, sabachitha kwaze kwaba seNofa eliya eMedeba. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Sibacibishele; iHeshiboni liphelile kuze kube seDiboni; sichithile kuze kube seNofa elingaseMedeba.” IsiZulu 2020 “Sibacibe ngemicibisholo; iHeshibhoni siyibhubhisile saze sayofinyelela eDibhoni. Sibabhubhise saze sayofika eNofa elendlalekele eMedeba.” |
Abacibishelayo bacibishela izinceku zakho besegangeni; kwafa ezinye zezinceku zenkosi, inceku yakho u-Uriya umHeti yafa nayo.
Base beqasha izinqola eziyizinkulungwane ezingamashumi amathathu nambili kanye nenkosi yaseMahaga nabantu bayo; owafika wamisa inkamba phambi kweMedeba. Abantwana bakwa-Amoni babuthana emizini yabo, beza empini.
Yebo, wathuma imicibisholo yakhe, wabahlakaza; wadubula umbani wabadungadulisa.
Wenyukela eBayiti naseDiboni ezindaweni eziphakemeyo ukuyokhala; UMowabi uyakukhala eNebo naseMedeba; kuwo wonke amakhanda abo kuyoba yimpandla, nazo zonke izilevu ziyogundwa.
Ngokuba amanzi aseDimoni ayakugcwala igazi, ngokuba ngiyakwehlisela okwengeziwe phezu kweDimoni, izingonyama phezu kwabaphunyukileyo bakwaMowabi, naphezu kwensali yezwe.
Indodakazi yakho ehlala eDiboni yehla enkazimulweni yakho, ihlezi ngokoma; ngokuba umchithi wakwaMowabi uyakunifikela, achithe izinqaba zenu.
i-Ataroti, neDiboni, neJazeri, neNimra, neHeshiboni, ne-Elale, neSebam, neNebo, neBeyoni;
iHeshiboni nayo yonke imizi yalo esethafeni; iDiboni, neBamoti Bali, neBeti Bali-meyoni,
kusukela e-Aroweri elisosebeni lomfula i-Arinoni, nomuzi ophakathi nomfula, nethafa lonke kusukela eMedeba kuze kube seDiboni;