Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UNumeri 20:13 - Contemporary Zulu Bible 2024

Lawa angamanzi aseMeriba; ngoba abantwana bakwa-Israyeli baphikisana neNkosi, futhi wangcweliswa kubo.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Lokhu kwakungamanzi aseMeriba, ngokuba abantwana bakwa-Israyeli balwa noJehova, wangcweliswa kubo.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Lawa ngamanzi eMeribha, ngokuba abantu bakwa-Israyeli balwa noSimakade, Yena wazibonakalisa engcwele phakathi kwabo.

Uka jalj uñjjattʼäta



UNumeri 20:13
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wakhala ekucindezelekeni, ngakusindisa; Ngakuphendula ngisendaweni yokucasha yokuduma, ngakuvivinya emanzini aseMeriba. Sela.


Lalelani, bantu bami, ngiyakufakaza kini: Israyeli, uma ungilalela;


Ningayenzi lukhuni inhliziyo yenu njengasekulingweni nanjengasosukwini lokulingwa ehlane.


Wabiza indawo ngokuthi iMasa neMeriba ngenxa yokuxabana kwabantwana bakwa-Israyeli nangenxa yokubuza kwabo uJehova ngokuthi: “Ingabe uJehova uphakathi kwethu noma qha?


Kodwa uJehova Sebawoti uyophakanyiswa ekwahluleleni, futhi uNkulunkulu ongcwele uyongcweliswa ngokulunga.


Ngiyakunithokozisa ngephunga lenu elimnandi, lapho nginikhipha kubantu, nginibutha emazweni enihlakazekele kuwo; njalo ngizangcweliswa kuwe phambi kwabezizwe.


Ngiyakungcwelisa igama lami elikhulu elingcoliswe phakathi kwezizwe, enilingcolisile phakathi kwazo; izizwe ziyakwazi ukuthi nginguJehova,” usho uJehova, “lapho ngingcwelisiwe kini phambi kwamehlo azo.


Uyakukhuphukela kubantu bami u-Israyeli njengefu lisibekele izwe; kuyakuthi ekupheleni kwezinsuku, ngikulethe umelane nezwe lami, ukuze izizwe zingazi, lapho ngiya sengcweliswa kuwe, Gogi, phambi kwamehlo azo.


Ngokuba naphambuka kimi phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli emanzini aseMeriba-Kadeshi ehlane laseSini; ngoba aningingcwelisanga phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli.


NgoLevi wathi: IThumimi yakho ne-Urimi yakho mayibe koNgcwele wakho owamlinga eMasa, owaphikisana naye emanzini aseMeriba;