UNumeri 2:34 - Contemporary Zulu Bible 2024 Abantwana bakwa-Israyeli benza njengalokho uJehova emyalile uMose; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Benze njalo-ke abantwana bakwa-Israyeli: njengakho konke uJehova amyale ngakho uMose, kanjalo bamisa ngasemabhaneleni* abo, kanjalo basuka, kwaba yilowo nalowo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise. IsiZulu 2020 Abantu bakwa-Israyeli benza njengakho konke uSimakade ayemyale ngakho uMose: bakanisa ngasemabhaneleni abo, basuka ngokwemindeni yabo, yilowo nalowo ngokwendlu yokhokho bakhe. |
Njengakho konke uJehova amyale ngakho uMose, abantwana bakwa-Israyeli bawenza wonke umsebenzi.
Abantwana bakwa-Israyeli bayakumisa amatende abo, kube yilowo nalowo ngekamu lakhe, kube yilowo nalowo njengophawu lwakhe ngamabandla abo.
Abantwana bakwa-Israyeli benza-ke njengalokho uJehova emyalile uMose, benze njalo-ke.
Abantwana bakwa-Israyeli baphuma ehlane laseSinayi; ifu lahlala ehlane lasePharanu.
Zazinjalo-ke uhambo lwabantwana bakwa-Israyeli ngamabandla abo ekukhuphukeni kwabo.
Abantwana bakwa-Israyeli bayakumisa, kube yilowo nalowo njengebhanela lendlu yoyise; kumelwe bakanise kude nxazonke zetende lokuhlangana.
Kodwa amaLevi ayengabalwanga phakathi kwabantwana bakoIsrayeli; njengalokho uJehova emyalile uMose.
Akabonanga bubi kuJakobe, no-Israyeli akabonanga nkohliso; uJehova uNkulunkulu wakhe unaye, nokukhala kwenkosi kuphakathi kwabo.
UBileyamu waphakamisa amehlo akhe, wabona u-Israyeli ehlezi ngokwezizwe zakhe; uMoya kaNkulunkulu wehlela phezu kwakhe.
Lezi ziyizizukulwane zika-Aroni noMose ngosuku uJehova akhuluma ngalo kuMose entabeni yaseSinayi.
Babelungile bobabili phambi kukaNkulunkulu, behamba ngayo yonke imiyalo nezimiso zeNkosi bengasoleki.