nithathe uyihlo nezindlu zenu, nize kimi, ngininike okuhle kwezwe laseGibithe, nidle amanoni ezwe.
UNumeri 18:29 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kuzo zonke izipho zenu nilethe yonke iminikelo yokuphakanyiswa yeNkosi, kukho konke okuhle kakhulu kwayo, okungcwele kwayo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kuzo zonke izipho zenu niyakunikela ngayo yonke iminikelo yokuphakanyiswa kuJehova, konke okuhle kwayo, inxenye yayo engcwelisiweyo.’ IsiZulu 2020 Kuzo zonke izipho eniziphiwayo, niyakwehlukanisa umnikelo ofanele uSimakade, okwekhethelo kukho konke kuyingxenye engcwelisiweyo.’ |
nithathe uyihlo nezindlu zenu, nize kimi, ngininike okuhle kwezwe laseGibithe, nidle amanoni ezwe.
Kumelwe kube ngelika-Aroni namadodana akhe ngokwesimiso esiphakade esivela kubantwana bakwa-Israyeli; ngoba kungumnikelo wokuphakanyiswa; kuyakuba ngumnikelo wokuphakanyiswa wabantwana bakwa-Israyeli weminikelo yokubonga, umnikelo wabo wokuphakanyiswa kuJehova.
Ngalokho niyakuletha umnikelo wokuphakanyiswa kuJehova kukho konke okweshumi kwenu enikwamukela kubantwana bakwa-Israyeli; futhi kumelwe unike u-Aroni umpristi umnikelo kaJehova.
Ngakho kumelwe uthi kubo: ‘Uma nithathe okuhle kunakho konke, kumelwe kubalelwe kumaLevi njengesivuno sesibuya nanjengesivuno sesikhamo sewayini.