UMelkisedeki inkosi yaseSalema waletha isinkwa newayini, futhi wayengumpristi kaNkulunkulu oPhezukonke.
UNumeri 18:28 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngalokho niyakuletha umnikelo wokuphakanyiswa kuJehova kukho konke okweshumi kwenu enikwamukela kubantwana bakwa-Israyeli; futhi kumelwe unike u-Aroni umpristi umnikelo kaJehova. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kanjalo nani niyakunikela ngomnikelo wokuphakanyiswa kuJehova ngakho konke okweshumi kwenu enikwamukelayo kubantwana bakwa-Israyeli; niyakunikela ku-Aroni umpristi ngomnikelo wokuphakanyiswa kaJehova. IsiZulu 2020 Kanjalo nani niyakunikela ngomnikelo wokuphakanyiswa kuSimakade, ngakho konke okweshumi kwenu enikwamukela kubantu bakwa-Israyeli; niyakunikela ku-Aroni umphristi, ngomnikelo wokuphakanyiswa kuSimakade. |
UMelkisedeki inkosi yaseSalema waletha isinkwa newayini, futhi wayengumpristi kaNkulunkulu oPhezukonke.
Lo mnikelo wenu kumelwe ubalelwe kini njengokungathi ukolweni wasesibuyani nanjengokugcwala kwesikhamo sewayini.
Kuzo zonke izipho zenu nilethe yonke iminikelo yokuphakanyiswa yeNkosi, kukho konke okuhle kakhulu kwayo, okungcwele kwayo.
Thatha inxenye yazo uyinike u-Eleyazare umpristi ibe ngumnikelo wokuphakanyiswa ovela kuJehova.
lapho umanduleli angena khona ngenxa yethu, uJesu, waba ngumpristi omkhulu kuze kube phakade ngokokuma kukaMelkisedeki.