UNumeri 17:12 - Contemporary Zulu Bible 2024 Abantwana bakwa-Israyeli bakhuluma kuMose, bathi: “Bheka, siyafa, siyabhubha, siyabhubha sonke.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abantwana bakwa-Israyeli bakhuluma kuMose, bathi: “Bheka, siyaphela, siyashabalala, sishabalala sonke. IsiZulu 2020 Abakwa-Israyeli bathi kuMose: “Uyabona-ke, siyabhubha, siyashabalala, siyaphela sonke ngothi lwethu. |
Ubuwula bomuntu buphendukezela indlela yakhe, nenhliziyo yakhe ithukuthelele uJehova.
Ngokuba ngeke ngilwe ingunaphakade, futhi ngeke ngihlale ngithukuthele, ngokuba umoya uyohluleka phambi kwami kanye nemiphefumulo engiyenzile.
Ngasengisithi: Maye kimi! ngoba sengiphelile; ngokuba ngingumuntu onezindebe ezingcolile, ngihlala phakathi kwabantu abazindebe zingcolile; ngokuba amehlo ami abonile iNkosi, uJehova Sebawoti.
Kuyakuba naso, nenzalo yakhe emva kwakhe isivumelwano sobupristi obuphakade; ngoba wayeshisekela uNkulunkulu wakhe, wabenzela ukubuyisana abantwana bakwa-Israyeli.
Senikhohliwe isiyalezo esikhuluma kini njengakubantwana sokuthi: Ndodana yami, ungadeleli ukulaya kweNkosi, ungaphelelwa amandla, lapho usolwa yiyo;