UNumeri 16:47 - Contemporary Zulu Bible 2024 U-Aroni wathatha njengalokho emyalile uMose, wagijimela phakathi kwebandla; bheka, isifo saqala phakathi kwabantu, wabeka impepho, wabenzela abantu ukubuyisana. IBHAYIBHELI ELINGCWELE U-Aroni wayesekuthatha njengalokho ekhulumile uMose, wagijima phakathi kwebandla; bheka, isifo sase siqalile phakathi kwabantu; wabeka impepho, wabenzela abantu ukubuyisana. IsiZulu 2020 U-Aroni wasithatha njengalokhu ekhulumile uMose, wagijima waya phakathi kwebandla. Uyabona-ke, lwaseluqalile ubhubhane phakathi kwabantu; wafaka impepho, wabenzela abantu ukubuyisana. |
UMose wayesethi ku-Aroni: “Thatha umcengezi womlilo, uthele kuwo umlilo wase-altare, ubeke impepho phezu kwawo, ungene masinyane ebandleni, uwenzele ukubuyisana, ngokuba intukuthelo kaJehova isiphumile; isiqalile isifo.
Kuyakuba naso, nenzalo yakhe emva kwakhe isivumelwano sobupristi obuphakade; ngoba wayeshisekela uNkulunkulu wakhe, wabenzela ukubuyisana abantwana bakwa-Israyeli.
Kepha mina ngithi kini: Thandani izitha zenu, nibabusise abaniqalekisayo, nenze okuhle kwabalizondayo, nibakhulekele abaniphatha kabi, banizingele;