UNumeri 16:41 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa ngangomuso yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli yakhonona ngoMose no-Aroni, yathi: “Nibabulele abantu beNkosi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha ngolwangakusasa yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli yakhonona ngoMose nango-Aroni, yathi: “Nibabulele abantu bakaJehova.” IsiZulu 2020 Ngakusasa yonke inhlangano yabantu bakwa-Israyeli yakhononda ngoMose no-Aroni, yathi: “Nibulele abantu bakaSimakade.” |
Ngalokho wathi uyakubabhubhisa, uma uMose okhethiweyo wakhe ubengema phambi kwakhe esikhaleni ukuze anqande ulaka lwakhe, ukuze angababhubhisi.
Nkosi, uma isandla sakho siphakeme, abayikukubona; yebo, umlilo wezitha zakho uyakuziqeda.
Ngakho izikhulu zathi enkosini: “Siyakucela ukuba lo muntu abulawe, ngokuba wenza buthakathaka kanjalo izandla zamaqhawe asele kulo muzi, nezandla zabo bonke abantu, ngokukhuluma amazwi anje, aze enze lo muntu. Hhayi ukufuna inhlalakahle yalaba bantu, kodwa ubuhlungu.
Kodwa uBharuki, indodana kaNeriya, wakhuluma ngawe ngokumelene nathi ukuba asinikele esandleni samaKaledi, ukuze asibulale, asithumbe, asiyise eBhabhiloni.
U-Amasiya, umpristi waseBethele, wathumela kuJerobowamu inkosi yakwa-Israyeli, wathi: “U-Amose ukwakhele indlu yakwa-Israyeli ugobe; izwe alikwazi ukuthwala wonke amazwi alo.
Bonke abantwana bakwa-Israyeli bakhonona ngoMose nango-Aroni, inhlangano yonke yathi kubo: “Sengathi nga safa ezweni laseGibhithe! noma ngabe uNkulunkulu usifele ogwadule!
Nibusisiwe, nxa benithuka, benizingela, bekhuluma konke okubi ngani, beqamba amanga ngenxa yami.
ememeza esithi: Madoda akwaIsrayeli, sizani! Lona nguye umuntu ofundisa bonke ezindaweni zonke okuphambene nabantu, nomthetho, nalendawo, futhi engenisa namaGreki ethempelini, wayingcolisa le ndawo engcwele.
Ethi: “Asiniyalanga yini ukuthi ningafundisi ngaleli gama na? bhekani, senigcwalise iJerusalema ngesifundiso senu, nihlose ukwehlisela igazi lalumuntu phezu kwethu.
Ekuhlonitshweni nasekuhlazweni, ngemibiko emibi negama elihle, njengabakhohlisi, nokho abaqinisileyo;
Laba ngabakhonondi nabasolayo, behamba ngezabo izinkanuko; nomlomo wabo ukhuluma izikhukhula, betusa ubuso babantu ngenxa yenzuzo.