Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UNumeri 16:31 - Contemporary Zulu Bible 2024

Lapho eseqedile ukukhuluma wonke lawa mazwi, umhlabathi owawungaphansi kwabo waqhekezeka.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Kwathi eseqedile onke lawo mazwi, umhlaba ophansi kwabo waqhekezeka;

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Wathi eqeda nje ukukhuluma wonke lawa mazwi, umhlaba waqhekezeka ngaphansi kwabo.

Uka jalj uñjjattʼäta



UNumeri 16:31
9 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Umhlaba ubhidlizwa ngokuphelele, umhlaba uyachithwa ngokuphelele, umhlaba uyanyakaza ngokumangalisayo.


Kepha uma uJehova enza okusha, umhlaba uvule umlomo wawo, ubagwinye kanye nakho konke okwabo, behlele egodini bephila; khona nizakuqonda ukuthi lamadoda aklolodela iNkosi.


Umhlaba wawuvula umlomo wawo, wabagwinya, bona nezindlu zabo, nabo bonke abantu bakaKora, nayo yonke impahla yabo.


Abantu baphikisana noMose, bakhuluma bathi: “Sengathi nga safa lapho abafowethu bafa phambi kukaJehova!


Ubaba wafela ehlane, wayengekho eqenjini lababuthanela uJehova eqenjini likaKora; kodwa wafa esonweni sakhe futhi engenamadodana.


nalokho akwenza kuDathani no-Abiramu, amadodana ka-Eliyabe, indodana kaRubeni, ukuthi umhlaba wawuvula umlomo wawo, wabagwinya, bona nezindlu zabo, namatende abo, nempahla yonke ababeyifa. Wonke u-Israyeli:


Maye kubo! ngoba bahambe ngendlela kaKhayini, bagijimela ukuduka kukaBalami ukuze bathole umvuzo, babhubha ekuphikeni kukaKora.