Umhlaba ubhidlizwa ngokuphelele, umhlaba uyachithwa ngokuphelele, umhlaba uyanyakaza ngokumangalisayo.
UNumeri 16:31 - Contemporary Zulu Bible 2024 Lapho eseqedile ukukhuluma wonke lawa mazwi, umhlabathi owawungaphansi kwabo waqhekezeka. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwathi eseqedile onke lawo mazwi, umhlaba ophansi kwabo waqhekezeka; IsiZulu 2020 Wathi eqeda nje ukukhuluma wonke lawa mazwi, umhlaba waqhekezeka ngaphansi kwabo. |
Umhlaba ubhidlizwa ngokuphelele, umhlaba uyachithwa ngokuphelele, umhlaba uyanyakaza ngokumangalisayo.
Kepha uma uJehova enza okusha, umhlaba uvule umlomo wawo, ubagwinye kanye nakho konke okwabo, behlele egodini bephila; khona nizakuqonda ukuthi lamadoda aklolodela iNkosi.
Umhlaba wawuvula umlomo wawo, wabagwinya, bona nezindlu zabo, nabo bonke abantu bakaKora, nayo yonke impahla yabo.
Abantu baphikisana noMose, bakhuluma bathi: “Sengathi nga safa lapho abafowethu bafa phambi kukaJehova!
Ubaba wafela ehlane, wayengekho eqenjini lababuthanela uJehova eqenjini likaKora; kodwa wafa esonweni sakhe futhi engenamadodana.
nalokho akwenza kuDathani no-Abiramu, amadodana ka-Eliyabe, indodana kaRubeni, ukuthi umhlaba wawuvula umlomo wawo, wabagwinya, bona nezindlu zabo, namatende abo, nempahla yonke ababeyifa. Wonke u-Israyeli:
Maye kubo! ngoba bahambe ngendlela kaKhayini, bagijimela ukuduka kukaBalami ukuze bathole umvuzo, babhubha ekuphikeni kukaKora.