Ngokuba siyakuyichitha le ndawo, ngokuba isikhalo ngabo sesisikhulu phambi kukaJehova; uJehova wasithuma ukuba silichithe.
UNumeri 16:21 - Contemporary Zulu Bible 2024 Zahlukaniseni naleli bandla, ukuze ngibaqede ngokuphazima kweso. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Zahlukaniseni nale nhlangano ukuba ngibaqede ngokuphazima kweso.” IsiZulu 2020 “Zehlukaniseni kule nhlangano ukuze ngiyiqothule ngokuphazima kweso.” |
Ngokuba siyakuyichitha le ndawo, ngokuba isikhalo ngabo sesisikhulu phambi kukaJehova; uJehova wasithuma ukuba silichithe.
ULoti wasephuma, wakhuluma kubakhwenyana bakhe ababethethe amadodakazi akhe, wathi: Sukani, lisuke kulindawo; ngoba iNkosi izawuchitha lumuzi. Kodwa wayebukeka njengomuntu ogcona abakhwenyana bakhe.
Yeka indlela ababhujiswa ngayo ngokuphazima kweso! baqedwa ngokuphelele yingebhe.
Ngakho ake ngime, ukuze intukuthelo yami ibavuthele, ngibaqede; ngiyakukwenza isizwe esikhulu.
Kungani amaGibhithe azakhuluma athi: Nguye owabakhupha ebubini ukuze ababulalele ezintabeni futhi abaqede emhlabeni? Phenduka olakeni lwakho futhi uphenduke kulobu bubi obumelene nabantu bakho.
Ngokuba uJehova wathi kuMose: “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli ukuthi: ‘Ningabantu abanenkani; ukwazi okumele ukwenze kuwe.
Kwaphuma ingelosi kaJehova, yabulala abantu abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili nanhlanu ekamu lama-Asiriya; bavuka ekuseni kakhulu, babeyizidumbu zonke.
Ngiyakubashaya ngesifo, ngibaphuce, ngenze wena ube yisizwe esikhulu nesinamandla kunabo.
Uma ubulala bonke laba bantu njengomuntu munye, izizwe ezizwele udumo lwakho ziyakukhuluma zithi:
UJehova wathi kuMose: “Buyisela intonga ka-Aroni phambi kobufakazi, igcinwe ibe luphawu kwabahlubukayo; futhi uyosusa ukububula kwabo kimi, ukuze bangafi.
Wafakaza nangamanye amazwi amaningi, wabayala wathi: “Zisindiseni kulesi sizukulwane esiphambeneyo.
Ngalokho phumani phakathi kwabo, nahlukane nabo, isho iNkosi, ningathinti okungcolileyo; futhi ngizokwamukela,
Ngase ngizwa elinye izwi livela ezulwini, lithi: “Phumani kuyo, bantu bami, ukuze ningahlanganyeli ezonweni zayo, nokuze ningamukeli okwezinhlupho zayo.