Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UNumeri 15:8 - Contemporary Zulu Bible 2024

Uma ulungisa ijongosi libe ngumnikelo wokushiswa noma libe ngumhlatshelo wesithembiso noma iminikelo yokubonga kuJehova,

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

“ ‘Nxa ulungisa iduna libe ngumnikelo wokushiswa, noma umhlatshelo wokugcwalisa isithembiso, noma kube yiminikelo yokuthula kuJehova,

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

“ ‘Uma unikela ngeduna njengomnikelo wokushiswa, noma umhlatshelo wokufeza isifungo, noma iminikelo yokuthula kuSimakade,

Uka jalj uñjjattʼäta



UNumeri 15:8
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Uma umhlatshelo wakhe ungumnikelo wokushiswa wezinkomo, uyakuletha iduna elingenasici; woliletha ngokuzithandela phambi kukaJehova ngasemnyango wetende lokuhlangana.


Kodwa kumelwe ageze izibilini zakhe namanqina akhe ngamanzi, futhi umpristi kumelwe akushise konke e-altare njengomnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo onephunga elimnandi kuJehova.


Njalo loba ngubani oletha umhlatshelo wokubonga eNkosini ukugcwalisa isithembiso sakhe, loba umnikelo wesihle wenkomo kumbe wezimvu, uphelele ukuze wamukelwe; kungase kungabi khona ukuntula.


Uma umnikelo wakhe wempuphu ungumnikelo wokubonga, ewuletha ezinkomeni; noma ingowesilisa noma ingowesifazane, uyakuletha phambi kukaJehova ingenasici.


Amadodana ka-Aroni ayakukushisa e-altare phezu komnikelo wokushiswa ophezu kwezinkuni ezisemlilweni; kungumnikelo womlilo wephunga elimnandi kuJehova.


Kuyakuthi, uma kwenziwa ngokungazi ibandla lingazi, ibandla lonke liyakulungiselela ijongosi elilodwa libe ngumnikelo wokushiswa, libe yiphunga elimnandi kuJehova kanye nomnikelo walo wokudla nomnikelo walo wokuphuzwayo, ngokomthetho, nenqama eyodwa ibe ngumnikelo wesono.


Njalo uzalungisa ingxenye yesithathu yehini lewayini njengomnikelo wokunathwayo, libe yiphunga elimnandi eNkosini.


Kumelwe alethe umnikelo womlilo wezingxenye ezintathu zokweshumi zempuphu ecolekileyo exovwe nengxenye yehini lamafutha kanye nenkunzi.


Khona-ke mabathathe iduna nomnikelo walo wokudla, ufulawa ocolekileyo oswakanyiswe namafutha, futhi kumelwe uthathe elinye iduna libe ngumnikelo wesono.