Basuka entabeni yeNkosi ibanga lezinsuku ezintathu, umphongolo wesivumelwano sikaJehova wahamba phambi kwabo ohambweni lwezinsuku ezintathu ukubafunela indawo yokuphumula.
UNumeri 14:44 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa baba nesibindi sokukhuphukela esiqongweni sentaba; nokho umphongolo wesivumelwano sikaJehova noMose abasukanga ekamu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuzidla bakhuphukela nokho esiqongweni sentaba, kepha umphongolo wesivumelwano sikaJehova noMose awuphumanga ekamu.* IsiZulu 2020 Bakhuphukela esiqongweni sezwe lezintaba ngokuziqhayisa nakuba umphongolo wesivumelwano sikaSimakade noMose ungaphumanga enkanjini. |
Basuka entabeni yeNkosi ibanga lezinsuku ezintathu, umphongolo wesivumelwano sikaJehova wahamba phambi kwabo ohambweni lwezinsuku ezintathu ukubafunela indawo yokuphumula.
Ngokuba ama-Amaleki namaKhanani akhona phambi kwenu, niyakuwa ngenkemba; ngoba seniphambukile eNkosini, ngakho iNkosi kayikuba lani.
Kodwa umphefumulo owenza ngokugabadela, kungakhathaliseki ukuthi ungowokuzalwa ezweni noma ungowemzini, othuka uJehova; lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo.
UMose wabathuma empini, inkulungwane esizweni, bona noFinehasi indodana ka-Eleyazare umpristi, baye empini, bephethe izinto ezingcwele namacilongo okubethwa esandleni sakhe.
Kungakho ngikhulume kini; anilalelanga, kepha nahlubuka ezwini likaJehova, nakhuphuka intaba ngokugabadela.