UMoya kaNkulunkulu wehlela phezu kukaZakariya indodana kaJehoyada umpristi, wema phezu kwabantu, wathi kubo: “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Neqelani imiyalo kaJehova ukuba ningabi nampumelelo na? ngoba nimshiyile uJehova, naye unishiyile.
UNumeri 14:41 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wayesethi uMose: “Neqelani izwi leNkosi na?” kodwa ngeke liphumelele. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UMose wathi: “Neqelani izwi likaJehova na? Akuyikuphumelela. IsiZulu 2020 UMose wathi: “Kuyini lokhu? Seneqa futhi izwi likaSimakade na? Aniyukuphumelela. |
UMoya kaNkulunkulu wehlela phezu kukaZakariya indodana kaJehoyada umpristi, wema phezu kwabantu, wathi kubo: “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Neqelani imiyalo kaJehova ukuba ningabi nampumelelo na? ngoba nimshiyile uJehova, naye unishiyile.
Yebo, kumelwe uphume kuye, nezandla zakho zisekhanda lakho, ngoba uJehova ulahlile ithemba lakho, futhi ngeke uphumelele kukho.
Futhi iyoyisa uZedekiya eBhabhiloni, futhi uyohlala lapho ngize ngimvakashele, kusho uJehova; noma nilwa namaKaledi, aniyikuphumelela.
UJehova wathi kimi: “Batshele ukuthi: Ningenyuki niyokulwa; ngoba kangikho phakathi kwenu; funa nihlulwe phambi kwezitha zenu.
Pho, kungani ungalilalelanga izwi likaJehova, kodwa waphaphatheka empangweni, wenza okubi emehlweni kaJehova?