U-Abrama wathi enkosini yaseSodoma: “Ngaphakamisela isandla sami kuJehova, uNkulunkulu oPhezukonke, ongumnikazi wezulu nomhlaba,
UNumeri 14:30 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuqinisekile aniyikungena ezweni engaphakamisa isandla sami ngalo ukuba nihlale kulo, ngaphandle kukaKalebi indodana kaJefune noJoshuwa indodana kaNuni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE abayikungena ngempela ezweni engaphakamisa ngalo isandla sami ukuthi bengiyakunakhisa kulo, ngaphandle kukaKalebi indodana kaJefune noJoshuwa indodana kaNuni. IsiZulu 2020 abayukungena ezweni engafunga ngalo ukuthi ngiyakunakhisa kulo, ngaphandle kukaKhalebhu, indodana kaJefune noJoshuwa, indodana kaNuni. |
U-Abrama wathi enkosini yaseSodoma: “Ngaphakamisela isandla sami kuJehova, uNkulunkulu oPhezukonke, ongumnikazi wezulu nomhlaba,
Ngiyakuningenisa ezweni engaphakamisa isandla sami ngalo ukulinika u-Abrahama, no-Isaka, noJakobe; ngiyakuninika lona libe yifa; nginguJehova.
Kepha nami ngabaphakamisela isandla sami ehlane, ukuthi angiyikubangenisa ezweni engabanika lona, elichichima ubisi nezinyosi, elikhazimulayo emazweni onke;
Ngiyakunquma phakathi kwenu abahlubukayo nabeqayo kimi; ngiyakubakhipha ezweni abagogobele kulo njengabafokazi, abayikungena ezweni lakwa-Israyeli; nizokwazi ukuthi nginguJehova.
Kepha inceku yami uKalebi, lokhu wayenomunye umoya, wangilandela nokungilandela, ngiyakumyisa ezweni aya kulo; nenzalo yakhe iyakulidla.
Kepha uJoshuwa indodana kaNuni noKalebi indodana kaJefune, ababephakathi kwamadoda ahamba ukuhlola izwe, babesaphila.
Ngoba iNkosi yathi ngabo: Isibili bazafela enkangala. Akwasala muntu kubo, kuphela uKalebi indodana kaJefune noJoshuwa indodana kaNuni.
Ngaphandle kukaKalebi, indodana kaJefune, umKhenezi, noJoshuwa indodana kaNuni, ngokuba baphikelela eNkosini.
Wafunga yena ophilayo kuze kube phakade naphakade, owadala izulu, nokukhona, nomhlaba, nezinto ezikuwo, nolwandle, nokukhona kukho, ukuthi akuyikubakho isikhathi eside: